PHEZU kokuba uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uNksz Bathabile Dlamini egcizelele ukuthi bonke abahola impesheni bazoyithola ngo-Ephreli 1, kunengebhe kwabayiholayo ngenxa yesixakaxaka esikhona.
Abahola isibonelelo sikahulumeni okubalwa imali yokuguga, eyokugula, eyezingane neyezintandane bawubheke ngabomvu u-Ephreli 1 ozoba umayihlokoze wokushiwo nguNgqongqoshe.
Udaba lakwaSassa nesivumelwano nenkampani eholalelayo iCash Paymaster Services (CPS) lusematheni njengoba kuke kwabikwa ukuthi le nkampani iyaphucwa inkontileka. Kubuye kwavela ukuthi uNgqongqoshe useyilungisile indaba yemipesheni waqinisekisa ukuthi yonke izotholakala ngenyanga ezayo.
UNkk Bongi Ndlovu (67), waKwaMashu ungomunye wabangenwe ngamanzi emadolweni ngenxa yalolu daba. UNkk Ndlovu othembele empeshenini yokuguga ayiqale eneminyaka engu-60, uthe azisamphuthi izindaba ngoba efuna ukuzwa okwenzekayo ngodaba lomholo wabo.
“Selokhu yaqala le ndaba ngiyayilandela ngoba ingiphethe kabi. Ngithembele kuyona le mali kuzo zonke izidingo zasendlini ngoba ngisho imishwalensi ngiyikhokhela ngayo. Izingane zami sezashada zihlala emzini yazo. Yize uvalo lusekhona kodwa ngiqine isibindi ngizwa uMengameli eqinisekisa ukuthi sizohola ngoba angiboni ukuthi angaqamba amanga,” kusho uNkk Ndlovu.
Abusafiki ubuthongo kuNkk Selina Khumalo (77) waseMariannhill ohola impesheni yokuguga eyondla abazukulu abathathu abafundayo nomzukulwana.“Ayikho into esiyixoxayo manje nezinye izalukazi ngaphandle kwalena yomholo. Mina anginayo ngisho ithelevishini nomsakazo, konke ngikuzwa ngabantu. Bagcina sebekhuluma okuningi njengoba abanye bethi kuthiwa ngeke sihole sonke,” echaza.
UNkk Khumalo uthe unovalo lokuthi ikati lizolala eziko uma kwenzeka engaholi ngoba kumanje unezikweletu komashonisa nasebhange.
Esithangamini nabezindaba ePitoli izolo, uNksz Dlamini uqinisekise izwe ukuthi izibonelelo zizokhokhwa ngenyanga ezayo.
Uthe yize ingekho inkontileka esayiniwe kodwa abantu abangu-17 million abathembele kule mali bazoyithola nakanjani.
“Siqinisekisa nyanga zonke ukuthi isabelo esingu-R140 billion sezimpesheni siyafinyelela kubantu abafanele ngesikhathi. Nyanga zonke sikhokha * -R11 billion, ngifuna ukutshela umphakathi ukuthi sizoyikhokha yonke imali yesibonelelo ngo-Ephreli 1,” kusho uNksz Dlamini.
Uthe ziningi ezinye izinhlaka abaxoxa nazo kubalwa nabeposi lakuleli njengenye yezinkampani zikahulumeni ezingenza umsebenzi wokuholela abantu.
Ugxeke abezindaba ngokubanga umsindo ngento engekho yokuthi abantu ngeke bazithole izibonelelo zabo kusuka ngenyanga ezayo.
“Abezindaba abasusa leli sasasa lokuthi ngeke sikhokhe ngo-Ephreli 1. Nenze kwangaba nozinzo ezweni, ogogo nomkhulu abahamba amabanga amade uma beyohola. Abantu ababalulekile njengoba siwuqinisekisa nomphakathi ukuthi uzohola ngenyanga ezayo ilabo abathola izibonelelo,” kusho uNksz Dlamini.
Uthe labo abangakholwa ukuthi izibonelelo zizokhokhwa abalinde kuphele le nyanga.
UNksz Dlamini unqabile ukuphawula ngokusula isigubhukane kobenguMqondisi-Jikelele kulo mnyango, uMnuz Zane Dangor, okhale ngokuthi bebungasebuhle ubudlelwano bokusebenza phakathi kwakhe nongqongqoshe. UNksz Dlamini uthe ngeke baphawule okuningi ngaye ngoba akuyona indlela abenza ngayo izinto.
“Uma yena ehambe wenza izinsolo ezithile wukuthanda kwakhe. Ungumuntu ohlonishwayo emkhakheni wezokuthukiswa komphakathi ngeke ngize ngiphawule ngezinto ezithinta yena, sizozixoxa ngaphakathi,” kusho uNksz Dlamini.