KUBOSHWE indoda ena-23 okusolakala ukuthi beyihlela ukubulala izikhulu okuthiwa zahlomula ekuqhwagweni kwamandla ombuso okubalwa kuzo ongqongqoshe beminyango ehlukene nabantu abadumile, ngoLwesithathu.
Okhulumela oKlebe uBrigadier Hangwani Mulaudzi uthe ngo-Okthoba nyakenye, amaphoyisa alolu phiko akwazile ukuthola okuthile kokuxhumana okukholakala ukuthi bekusetshenziselwa ukuhlela ukubulawa kwabantu abangu-19.
"Umsolwa ongumsunguli we-Anti- State Capture Death Squad Alliance uboshwe eMidrand ngesikhathi esematasa echazela abamxhasayo ngokuthi lihamba kanjani itulo lakhe lokubulala ngenhloso labo abahlomula ekuqhwagweni kwamandla ombuso," kusho uMulaudzi.
Uthe phakathi kwezinto ezitholiwe obekuxhunyanwa ngazo, kukhona izincwadi ezazithunyelwa ezinkampanini ezithile zicelwa ukuba zinikele ukuze kuphumelele icebo lokubulala laba abazuza ekuqolweni kwamandla ombuso. Imali eceliwe ingu-140 million okukholakala ukuthi kwabe kungeyokwenza lo msebenzi.
UMulaudzi uthe amagama angu-19 abesohlelweni lokubulawa, azovezwa enkantolo
Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseGoli namuhla, abhekane namacala okuhlela itulo lokubulala. UMulaudzi uthe ibheyili izophikiswa ukuze kuqhubeke kahle uphenyo
– African News Agency (ANA)