UPHELE kamuncu umshado obuseZingwenya Reserve, eShowe, kuboshwa umkhwenyana osolwa ngokubulala oyedwa wabebehambele lomshado ngeSonto.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thulani Zwane, uthe amaphoyisa abophe owesilisa oneminyaka engu-38 ngecala lokubulala nelokuzama ukubulala ngeSonto.
"Sibikelwe ukuthi bekunomshado wesintu Ezingwenya Reserve, ekhaya lomsolwa obeshada. Ngesikhathi usaqhubeka umshado, kube khona ukulwa phakatha kwabesilisa abathize. Kuthiwa umsolwa uqhumise isibhamu njengendlela yokusabisa abebelwa. Ngeshwa kwashone owesilisa oneminyaka engu-18," kusho uZwane.
Omunye wesilisa odubulekile kulesi sigameko uphuthinyiswe esibhedlela.
Umsolwa uzovela enkantolo maduze.