KUFE abantu abangu-22, kwalimala ababalelwa ku-59 kuqhuma ibhomu emcimbini womculi wase-United States, u-Ariana Grande, edolobheni laseManchester e-England izolo ebsuku.
UNdunankulu wase-Britain, uTheresa May, uthe lesi sigameko kungenzeka ukuthi sidalwe abashokobezi. Lelizwe ligcine ukubheka nesigameko esifana nalesi ngenyanga kaJulayi ngo-2005. Kubikwa ukuthi amaphoyisa azwe ngalesi sigameko esenzeke eManchester Arena ngo-10.30 ebsuku. Bekunezinkumbi zabantu ababalelwa ku-21 000 abebezobuka u-Ariana Grande, okubalwa kubo nezingane ezincane. Obekulendawo uthe uzwe kuqhuma ibhomu esephuma kule ndawo, okulandelwe ukuhayiza kwabantu abebegijima bezama ukuphuma. Ekseni bekubikwe ukuthi kushone abantu abangu-19 kulesi sigameko kodwa isibalo sesinyukele ku-22. U-Ariana, oneminyaka engu-23 ubhale kutwitter waxolisa ngalesi sigameko.
“Ngibuhlungu ekujuleni kwenhliziyo yami, ngiyaxolisa, anginawo amanye amazwi,” usho kanje.
UNdunankulu uMay, obekuzoba nokhetho ezweni lakhe emasontweni amabili udlulise amazwi enduduzo emndenini yabashonile.
-Reuters