USINDE ngokulambisa ehlaselwa owesilisa ongomunye wabasolwa emacaleni okubulala ehostela laseMlaza, iGlebelands.
UMnuz Sithembiso Mkhize obesanda kuvela enkantolo yeMantshi eMlaza ngecala lokubulawa kukaMnuz Bongani Mthembu uthe ubephuma eSiphingo ngesikhathi ezithela phezu kwabalisa abebehlomile.
Uthe ubezimisele ngokuya eMega City ngesikhathi ebona abalisa abebemi ngaphansi kwebhuloho eduze kwesiteshi sesitimela eReunion.
Uthe uzame ukujika wangena emgwaqweni ongenela ehostela ngoba ethi udukisa umkhondo kanti uzozithela phezu kwabanye.
“Ngingene ngemoto emgwaqweni ongenela ehostela kanti ngizotholana nabanye ababili abebehlomile. Badubule bebhekise ngakimi ngenhlanhla bangishweba - nakubantu ebenginabo akulimalanga muntu,” kusho uMkhize.
Uthe kufike amaphoyisa abheka lapho okwenzeke khona lesi sehlakalo.
Uthe kwenzeka lokhu nje kunabalisa abasanda kufika kubo bazungeza umuzi ngoba bekade bemgcine esekhaya.
Lezi zehlakalo zenzeka nje uMkhize uhamba icala lokubulawa kukaMthembu obehlala kuBlock R obulawe ngo-2015. UMkhize ungomunye wamalungu asekomtini elikhuthaza ukuthula ehostela. Useke wezwakalisa isikhalo ngokuphepha njengoba kuke kwaba nezinsolo zokuthi kukhona abebesabise ngokumbulala uma evela enkantolo ngoNovemba nyakenye.
Ngaphandle kwalokhu kubulawe uMnuz Nathi Shezi obesolwa ngokubulala uMnuz Bonga Hlophe oshone ngo-2015. NoShezi ubesekomitini lokuthula ehostela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCol Thembeka Mbhele uthe amaphoyisa awakabi nayo imininingwane ngokuhlaselwa kukaMkhize.