ININGI labantu besifazane baseNingizimu Afrika bazithola besengozini yokushona, bezama ukuthola usizo ezikhungweni ezihushula izisu ngokungemthetho ngenxa yezingqinamba ezibavimbela ukuthi bathole usizo kulezo ezisemthethweni.
Umbiko ophume ekuqaleni kwenyanga ukubeka ngokusobala ukuthi ukuba khona kwezikhungo ezihushula izisu ngokusemthethweni kuleli akwenele ukusombulula inkinga yokushona kwabantu besifazane ngenxa yokusebenzisa izikhungo ezingekho emthethweni. Lezi zikhungo kufanele zivezwe ukuze abantu besifazane bazazi.
Lo mbiko ukhishwe ngongoti bezempilo base-University of Cape Town nenhlangano elwela amalungelo abantu, i-Amnesty International.
Ngokusho kwabo abantu besifazane basazithola behlangabezana nezingqinamba uma bedinga izinhlelo zokuhushula izisu.
Iphini lomqondisi we-Amnesty International eSouthern Africa, uNkk Muleya Mwananyanda, uthe akekho umuntu wesifazane okufanele avinjelwe ukuthi azithathele yena isinqumo ngokukhulelwa kwakhe.
“Akukho muntu okufanele avinjelwe ukuthi azithathele isinqumo ngokukhulelwa kwakhe. Lo mbiko uveza ukungalingani okukhona ezikhungweni zezempilo nokucindezeleka kwabantu besifazane namantombazane avela emiphakathini ehlwempu,” kusho uNkk Mwananyanda.
Uthe ezinye zezinkinga abahlangabezana nazo abesifazane abadinga lezi zinhlelo ezikhungweni, yizinkolelo zabanye abasebenzi bezempilo ngohlelo lokuhushula izisu.
UNkk Mwananyanda uthe kufanele uMnyango wezeMpilo kuzwelonke ungenelele ngokushesha ukuqinisekisa ukuthi abantu besifazane abasuke bedinga izinhlelo zokuhushula izisu abacindezelwa ngabasebenzi bezempilo ngenxa yezinkolelo zabo ngalolu hlelo.
Elakuleli lineminyaka engu-20 laphasisa umthetho owengamele ukuhushulwa kwezisu.
Yize kunjalo lo mthetho awulandelwa ngokufanele ezikhungweni, ikakhulu uma izinkolelo zabantu abahlinzeka usizo lwezempilo kuyizo eziyizithiyo ekutheni abantu besifazane bathole lolu sizo.
Le nhlangano isola ukungabi bikho kwemigomo ecacile ngalokhu. UNkk Mwananyanda uthe umthetho ukubeka kucace ukuthi abasebenzi bezempilo banegunya lokunqaba ukuhushula isisu uma bengahambisani nakho kodwa kabanalo ilungelo lokwenza lokhu uma kuyisimo esiphuthumayo nesibeka unina wengane engcupheni.
Lo mthetho uphinde uveze ukuthi umuntu ovimbela umuntu wesifazane ukuthi ahushule isisu ngokusemthethweni unecala futhi angajeza ngokukhokhiswa isinxephezelo noma aboshwe.
“Ukungabi bikho kwemigomo ecacile ebekelwe abasebenzi bezempilo kuvula igebe futhi kuholela ekutheni lingasetshenziswa ngendlela igunya lokungavumi ukuba yingxenye yohlelo lokuhushula izisu. Impilo yomuntu wesifazane nesithunzi sakhe kufanele kube yikho okuhlale kuhamba phambili nokubalulekile ngaphezu kwegunya lomsebenzi wezempilo lokunqaba ukuba yingxenye yalolu hlelo. Lokhu akunjalo eNingizimu Afrika,” kusho uNkk Mwananyanda.
Ngokwemibiko yoMnyango wezeMpilo zilinganiselwa ku-505 izikhungo zezempilo ezibekelwe ukuhlinzeka uhlelo lokuhushula izisu.
Umthetho wakuleli uthi umuntu wesifazane odinga ukuhushula isisu angakwenza lokhu uma
enamasonto angu-20 nangaphansi ekhulelwe.
Zilinganiselwa ku-264 kuphela izikhungo ezihlinzeka usizo lokuhushula kwezisu oluyisipesheli nolwenziwa uma sekuhambe isikhathi eside bekhulelwe. Lezi zikhungo kazenele futhi zivame ukuba kude nalapho okuhlala khona abantu besifazane nokubaphoqa ukuthi basebenzise imali bezama ukufinyelela kuzona.
Ukugqoza kosizo olusemthethweni lokuhushula izisu kuvula igebe eligcina selivalwe yizikhungo ezithe chithi saka ezingagunyaziwe - kuholela nasekudlangeni kwezibalo zabesifazane abashona ngenxa yezinkinga ezidalwa ukuhushula izisu.
Yize zikhona izikhungo ezihushula izisu ngokusemthethweni kuleli, izikhangiso zazo zincane kunalezo ezikwenza ngokungemthetho.
Uma uhamba edolobheni nakwezinye izindawo amehlo ahlala ezikhangisweni ezisuke zinamathiselwe ezindongeni nasezigxotsheni ezithembisa ukuhushulwa kwezisu okuphephile, okuthatha isikhathi esincane nokushibhile.
Ekhuluma nelinye lamaphephandaba oyiphini likaMqondisi wezeMpilo kuzwelonke uDkt Yogan Pillay, usanda kuveza ukuthi lo mnyango uyazama ukwandisa izinhlelo zokuhlela umndeni nezokuhushula izisu okusemthethweni. Futhi unalo uhla lwezindawo ezisemthethweni lapho abesifazane bengaya khona ukuthola lezi zinhlelo.
Uthe iminyango yezempilo ezifundazweni izama ukusebenzisana namaphoyisa ukulwa nokwanda kwezindawo ezihushula izisu ngokungekho emthethweni. Inkinga wukuthi iningi lalabo abenza lokhu kabahlali endaweni eyodwa isikhathi eside. Lokhu kwenza kube nzima ukuthi balandeleleke labo abahushula izisu ngokungekho emthethweni. Nyakenye uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongiseni Dhlomo, ube nemikhankaso ezindaweni ezahlukenelapho enxusa abesifazane ukuthi babaxwaye abathembisa ukuhushula izisu okuphephile nokungathathi sikhathi. Kulo mkhankaso ubesebenzisana namaphoyisa. Ngesikhathi uhulumeni esazama izindlela zokubhekana nenkinga yokwanda kwezindawo ezihushula izisu ngokungekho emthethweni nomonakalo odalwa yizo uyanda.
Ngokwezibalo zezempilo KwaZulu-Natal, balinganiselwa ku-12 031 abesifazane abalaliswe esibhedlela ngenxa yezinkinga ezisuselwe ekuhushuleni izisu ngokungemthetho phakathi kuka-2015 no-2016. Abangu-1 455 babe nezinkinga zesibeletho ngenxa yokuzama ukuhushula izisu ngokungekho emthethweni.
Umbiko wakuleli weSaving Mothers wango-2012 uveze ukuthi abesifazane bangu-186 abaphuphunyelwe yizisu konakala nezibeletho ezikhungweni zikahulumeni.