UMNDENI womculi wowokholo okuthiwa ubangwa nezibi esibhedlela usuthathe isinqumo sokuthi angabe esavakashelwa.
Umndeni kaLundi Tyamara usukhiphe isinqumo sokuthi abonwe wumndeni nezihlobo kuphela kuze kube ululama ngokugcwele.
Lokhu kulandela ukusatshalaliswa kwesithombe sakhe elele esesibhedlela, namahlebenzi okuthi ushonile asabalale ngeledlule.
Okhulumela umndeni ophinde abe yimenenja kaLundi * -Anele Hlazo we-M&E Media, uthe angakusho kugcwale umlomo ukuthi isimo abekuso sesishintshe kakhulu futhi banethemba lokuthi uzolulama ngokugcwele maduze.
Unqabile ukudalula isibhedlela alaliswe kusona wathi bafuna abantu bangayi ukuyombona.
“Sicele ukuthi abantu bame kancane ukuzombona esibhedlela kuze kube ululama ngokugcwele futhi uyakwazi nokuxoxa kahle nabantu abamvakashelayo.
“Uyalulama futhi kuyethembisa ukuthi uzobuyela esimeni esijwayelekile maduze. Siyababonga nabaculi ngokukhombisa uthando kuLundi,” kusho uHlazo. Uqhube wathi umndeni kaLundi uhlukumezeke kakhulu ngokwenziwe ngabantu basabalalise izithombe nemininingwane ekungesiyo ngokugula kwakhe.
Umculi uFikile Mlomo uveze ukuthi ubengakayi ukuyombheka esibhedlela ngoba uyamazi akathandi ukubonwa.
“Uyazwela kakhulu, njalo uma egula akathandi ukulokhu ezobonwa kodwa ngizokwenza isikhathi ngihlele noHlazo ngiyombona. Kungiphethe kabi ukugula kwakhe kodwa ngiyazi uNkulunkulu akamlahli umuntu waKhe,” kusho uFikile.
Odadewabo baLundi uBoniswa noBabalwa Tyamara kuthiwa baseGoli ukuyokweseka umfowabo.
ULundi kuthiwa uhlaselwe wukugula ngemuva kokuya eChina ngoNovemba, wangakusukumela ngoba ezitshela ukuthi waliwe wukushintsha kwesimo sezulu. Ngasekuqaleni kukaDisemba kuthiwa siye ngokuba nzima isimo sakhe, waphuthunyiswa esibhedlela.
Esitatimendenei esikhishwe nguHlazo ngoMgqibelo odlule, uveze ukuthi uLundi waba nenkinga yokuphefumula kwaze kwadingeka ukuthi aphuthunyiswe esibhedlela.
UHlazo uphethe ngokuthi kubantu abafisa ukwazi ngoLundi bangamthinta ukuthola iqiniso bangalaleli amahlebezi.