ABESIFAZANE abahlukunyezwa ngabathandana nabo mabahlukane nokufela ngaphakathi okwebutho likaZulu, baphumele obala bebike ngezinkinga ukuze balulekwe. Lowo kube ngumyalezo wosuku ngesikhathi kwethulwa uhlaka lokusiza abesifazane ekulweni nokuhlukunyezwa kwabo olubizwa nge-Intimate Femicide.
Lo mcimbi obuhlelwe wumnyango wezoBulungiswa kuzwelonke, ubuseProtea Hotel eThekwini ngoLwesihlanu. Abesifazane abayizisulu zokuhlukunyezwa bathole ithuba lokuxoxa ngezinkinga zabo nokwabelana ngezeluleleko.
Omunye wabo obethula inkulumo uNksz Maureen Zamagatsheni Ndlovu, owasinda ngokulambisa isoka lakhe lizama ukumbulala usekhiphe incwadi exoxa ngosizi abhekana nalo. Utshele abesifazane ukuthi abaphumele obala ngokuhlukunyezwa bangathuli.
‘’Uma usahleli nothandana naye okuhlukumezayo, awuzithandi. Mushiye lowo muntu ngoba ungafa nokufa,’’ kweluleka uNksz Ndlovu elandelwa yihlombe elikhulu. Uthe yena useke wadlwengulwa yiphoyisa elalimsiza ngesikhathi elimele.
“Nokudlwengulwa ngisuka kukho ngikwazi kahle, ngadlwengulwa umuntu engangimethemba. Nasekhaya ngangikhule ubaba ehlukumeza umama phambi kwami,’’
Utshele imbokodo ebigcwele indlu ukuthi umuntu wesifazane uyakwazi ukuphumelela ezimele ngaphandle kokuncika kowesilisa.
“Uyindlovukazi ngaphandle kowesilisa, ngoba okunye okuhluphayo wukuthi sincenge ukondliwa sihlalela izingane sisabe ukushiya. Kuphelile lokho, phumela obala ubike, impilo izoqubeka.
Lo mcimbi ubuhanjelwe nayiPhini likaNgqongqoshe wezoBulungiswa uMnuz John Jeffery, otshele abesifazane ukuthi ababodwa kodwa nohulumeni wenza konke okusemandleni ukuthi abahlukumezi bajeze.
“Ziningi izinhlelo ezikhona ezibhekene nokuhlukumezeka kwabesifazane. Ningasabi ukubika nasemaphoyiseni, kunamagumbi ongeniswa kuwona ukuze uchaze udaba lwakho ungabonwa muntu,’’ kusho uJeffery.
Uthe okunye okukhathazayo wukuthi abantu bayawavula amacala bebuye bawahoxise. Wathi lesi sihlava kufanele wonke umuntu asisukumele.
“Ukuhlukumezeka yinto engakhethi bala noma isigaba sempilo yinto ehlasele yonke indawo, kufanele sibambisane ekulweni nayo,” kusho uJeffery. Lezi zithangami kulindeleke ukuthi zijikeleze zonke izindawo ukusiza abahlukunyezwayo.