IPHINI likaSomlomo esiShayamthetho KwaZulu-Natal, uDkt Meshack Radebe, likhulume ngokusinda ekufeni ngemuva kokuxinwa ukugula.
Ekhuluma engqungqutheleni yezemfundo ebihlelwe yihhovisi lakhe ehholo lomphakathi KwaMagaba, eMpumalanga, ngempelasonto, uRadebe (67) uthe ucishe wafa ngenxa yokugula.
“Ngicishe ngafa kodwa manje sengisindile nani niyangibona ngiwumqemane,” kusho uRadebe ongazange adalule ukuthi ubephethwe yini. Ngivukile ukuze ngilungise izinto ngizohamba emhlabeni uma konke sekuhamba kahle,” kusho uRadebe.
Nyakenye uxinwe wukugula wangeniswa esibhedlela wahlala izinyanga ezimbalwa.
URadebe ongumholi we-ANC onamava KwaZulu-Natal ugxeke othisha wathi banesandla ekufeyileni kwezingane eMpumalanga.
Uthe balibala ukupepenyeka ezinxanxatheleni zezitolo ngesikhathi sokufunda.
“IMpumalanga inezikole ezingamaHigh School eziyisishiyagalolunye kodwa zimbili ezithole ngaphezu kuka-60% kwimiphumela ka-matric nyakenye,” kusho yena.
Uthe isifunda sasePinetown sinezikole ezingu-17, iMpumalanga ilale unombolo 16.
“Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi sinenkinga ezikoleni zethu zaseMpumalanga, unyaka nonyaka imiphumela yethu iyehla kunokuthi inyuke.
"Ngabe simosha imali yabakhokhibentela uma sizoba nemihlangano yalolu hlobo kodwa singatshelani amaphutha,” kusho uRadebe.
URadebe uthe othisha sebengene shi kwipolitiki baze bakhohlwa umsebenzi wabo wokufundisa.
“Othisha sebengamaqabane kakhulu ukwedlula thina. Omunye owayephethe isikhungo engangiyobhalisela kuso ukuvota wafonela abaphathi bakhe wathi ngizokhankasa ekhuluma into engekho,” kusho uRadebe.
Unxuse umphakathi ukuba ubampimpe othisha ababonakala ezitolo ngesikhathi sesikole.
Othisha basezikoleni zaseMpumalanga bakhale ngokuthi izikole zabo azinayo ingqalasizinda okwenza abafundi bangenzi kahle ezifundweni zabo.
Okunye abakhale ngakho ukusetshenziswa kwezidakamizwa ezikoleni.