UFUNWA phansi phezulu umNtwana wasendlunkulu ngecala lokuqola usomabhizinisi osafufusa u-R54 000 ngemuva kokumthembisa ithenda yokwakha amathoyilethi eHluhluwe.
Amaphoyisa aveze ukuthi isikhishiwe nencwadi egunyaza ukuthi aboshwe umNtwana uLindelihle Zulu oyindodana yomfowabo weSilo osakhothama umNtwana uMcwayizeni Zulu, waseMlokotho, KwaNongoma.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseDurban Central aphenya icala lokweba nokuqamba amanga.
“Incwadi egunyaza ukuboshwa komsolwa isikhishiwe. Ummangali waziswa ngalokhu. Amaphoyisa asathungatha umsolwa, uma etholakala uzoboshwa,” kusho uCaptain Gwala.
UNkk Khethokuhle Hlatshwayo (45) ongumphathi wenkampani iMkhunjini Surplus Trading, uthe wayemethemba uZulu, owayeyisoka lendodakazi kadadewabo.
“Saxhunyaniswa indodakazi kadadewethu eyamtshela ukuthi nginebhizinisi elisafufusa ngoJanuwari 2015. Wafika ekhaya wabona ukuthi nginebhizinisi eligxile ekuphekeni, ukwakha nokukhuculula.
“Wangitshela ukuthi ufuna sisebenzisane nenkampani yakhe iNandisa Lihle Construction kwithenda yokwakha amathoyilethi eHluhluwe.
“Wasithatha wasiyisa khona ukuyobona. Ngemuva kwezinsukwana wasitshela ukuthi kudingeka * -R94 000 ukuze kuqale umsebenzi,” kusho uNkk Hlatshwayo.
Uthe uZulu wathi lo msebenzi usezowunika yena wonke, kodwa kumele akhiphe imali yokuthenga impahla yokwakha.
“Ngayiqongelela kancane, yagcina ingu-R54 000. Ngokubona ukuthi ayihlangani wathi angiyeke uzongigcwalisela yena. Siqale ukuqhelelana ngoMashi 2015 ngemuva kokuthi ehlukene nendodakazi. NgoJulayi 2015 ngivule icala emaphoyiseni. Ahamba aze afika kubo, unina uNdlunkulu wacela ukuthi lolu daba lungabikwa kwabezindaba, uzongikhokhela imali yami.
“Wagcine engikhokhele * -R1 000 kuphela,” kulandisa uNkk Hlatshwayo.
Uthe uNdlunkulu wathi kuyamxaka ukuthi indodana yakhe ingahamba iqola abantu eThekwini phezu kokuba uMengameli Jacob Zuma eyinikeza amathenda.
“Besimthembile lo muntu, uphoxa iNdlunkulu ngokuba yisigebengu. Ngagcina kuthiwa kuvalwe yonke into yakhe, ngeke akwazi ngisho ukukhipha imali ebhange. Angikholwa kodwa ukuthi namanje kusanjalo,” kusho uNkk Hlatshwayo.
Okhulumela iNdlunkulu, umNtwana uThulani Zulu, uthe akakwazi ukuphawula ngalolu daba ngoba izindlu zasendlunkulu zahlukene.
“UmNtwana uLindelihle lo okhuluma ngaye nguye obhekene nezindaba zendlu yakubo. Anginayo inamba yakhe,” kusho uZulu.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaZulu ayiphumelelanga njengoba nabafowabo bethe bagcine ebhungukele eGoli, izinombolo zakhe zocingo azisasebenzi.
IMeya kaMasipala wesifunda uMkhanyakude, uMnuz Solomon Mkhombo, ithe kusamele iqale icubungule ukuthi lwake laba khona yini uhlelo olufana nalelo eHluhluwe, kodwa ngokwazi kwayo alukaze lube khona.
“Lo oqoliwe kumele azi ukuthi akuvunyelwana ngomsebenzi eceleni umkhandlu ungaziswanga.”