ZIYASHAQISA izibalo zabafundi abakhulelwa emabangeni aphansi kwaGrade 3, 4 no-5 njengoba kusuka ngo-2014 kuya ku-2016 bangu-193 abakhulelwa.
Lezi zibalo zikhishwe nguMnyango weMfundo eyisiSekelo obuphendula iDA ePhalamende ngezibalo zabafundi abakhulelwa minyaka yonke.
Nakuba izibalo zikhombisa ukwehla njengoba ngonyaka odlule bengu-8 732 abafundi abakhulelwa kuleli ekubeni ngo-2014 babengu-18 357, uma ungazifakanga izibalo zezifundazwe iKwaZulu-Natal neMpumalanga kodwa kunesikhalo emnyangweni ngokuthi laba bafundi abanye abasuke beneminyaka engaphansi kuka-10 bakhuleliswa ngabantu abadala.
Okhulumela lo mnyango, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe kuyashaqisa ukuthi abafundi abancane bakhulelwa umphakathi ubuka.
Uthe umphakathi kumele ubhukule ulwe nalesi sihlava ngoba abanye babantu abasuke bekhulelise umfundi basuke baziwa.
“Kusuka ngo-2014 sibike amacala angu-56 680 emaphoyiseni ngoba sikholelwa ngukuthi kusuke kulalwe nabantwana abancane ngakho lowo osuke ekhulelise umfundi kumele aboshwe. Ngo-2015 sivule angu-53 617 kwathi ngo-2016 aba ngu-51 895 esiwabikile emaphoyiseni. Kusuka ngo-2014 angaphezulu kuka-150 000 amacala esiwabikile emaphoyiseni,” kusho uMhlanga.
Uthe kwesinye isikhathi amanye amacala awabikwa emaphoyiseni okwenza bangaboshwa abasuke bethinteka.
“Kwesinye isikhathi umphakathi uyazithulela ngoba uthenjiswa okuthile bese kusulwa amacala. Kumele wonke umuntu abambe iqhaza, yingakho sinomgomo wokuthi umfundi okhulelwe kumele angaxoshwa esikoleni futhi kumele abuye uma esezizwa ekulungele ukubuyela esikoleni,” kusho uMhlanga.
UNkk Sonja Boshoff, oyilungu lekomiti lemfundo eyisiSekelo elimele iDA ePhalamende, uthe lezi zibalo ziyashaqisa ngoba uma kuhlanganiswa nabafundi bakwaGrade 6 no-7 lokho kusho ukuthi bangu-1 449 abafundi abakhulelwa kule minyaka emithathu edlule.
Uthe lesi sibalo sithinta abafundi abangaphansi kweminyaka engu-16 wathi kunabantu okumele baboshwe abacekela phansi ikusasa lalezi zingane.
“Sizofaka eminye imibuzo, sifuna ukuthola ukuthi ngabe laba bafundi sebabuyela yini ezikoleni ngemuva kokubeletha. Sizofuna ukwazi ukuthi umnyango ubaseka kanjani ukuze bangasali ezifundweni zabo nokuthi ngabe balulekwa yini ngokomqondo,” kusho uNkk Boshoff.
Umbiko owethulwe nguNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni uMnuz Mthandeni Dlungwane ekomitini lezemfundo esiShayamthetho ngo-Okthoba nyakenye, uveza ukuthi bangu-9 135 abafundi abakhulelwa kulesi sifundazwe ngo-2015.
Lezi zibalo ziveza ukuthi ngo-2012 bangu-8308 abafundi abakhulelwa, ngo-2013 bangu-10030 kwathi ngo-2014 bangu-10213.
UDlungwane watshela amalungu ekomiti ukuthi kunothisha nabantu abadala abalala nabafundi babakhulelise bese bekhokhela imindeni yabo.
Waveza ukuthi umnyango unohlelo oluhlinzekwe ngo-R53million lokulwa nokukhulelwa kwabafundi iMy Life, My Future.