UDINGA usizo lokwelulekwa ngokwengqondo owesifazane waseNgwavuma owangqimuzwa yisoka eliwumshushusi kwasala umndondo, othi kusenzima ukukhohlwa ngokwenzekile.
Lo wesifazane oneminyaka engu-28 ongeke adalulwe ukuze avikeleke, uyalulama esibhedlela yize ethi asipheli isithombe sokwenzeka.
Lesi sehlo esenzeka ngoJanuwari 15 endlini yesoka, sashiya lo wesifazane ephuke izimbambo, wavaleka amehlo, walimala nesandla sokudla.
Utshele Isolezwe ukuthi uyalulama kodwa usekude ukuphuma esibhedlela.
Uthe zimbili izibhedlela alashwa kuzo njengoba esinye simelapha isandla esalimala kakhulu.
“Ngadluliselwa kwesinye isibhedlela ukuze ngifakwe insimbi esandleni kodwa ngagcina ngingafakwanga. Inkinga wukuthi isandla sisavuvukele futhi sibuhlungu yingakho kwahlehliswa ukuhlinzwa. Ngizophindela kusona lesi sibhedlela okumele ngihlinzwe kuso ekuqaleni kwenyanga ezayo, babone ukuthi seyingafakwa yini insimbi,” echaza.
Lo wesifazane onengane eneminyaka eyisishiyagalombili, uthe ufisa ukwelulekwa ngokwengqondo ukuze adlulise lesi sigameko.
“Ngiyalulama impela emzimbeni kodwa emqondweni asidluli isehlakalo. Sengihlale ngithuka ubala ngisho ngibona isithunzi. Kuningi nje esengikusaba. Esibhedlela abashongo luthi ngokungitholela abazongiluleka kodwa ngiyaludinga impela lolu sizo,” kusho yena.
UNkk Simphiwe Hlengwa ongusonhlalakahle kwaFamily and Marriage Society of SA abeluleka ngezobudlelwano nemishado, uthe bangazama ukusiza lo wesifazane. Uthe banehhovisi kwaNongoma abangazama kulo ukuthola abazomthuma. UNkk Hlengwa ugcizelele ukuthi abesifazane abahlukunyezwayo bangabekezeli baze balimale kodwa kumele bafune usizo kusaqala.
Lo wesifazane uthe wathandana nesoka elineminyaka
engu-37 ngoJuni, laqala ngawo unyaka odlule ukumshaya.
Uthe linolaka nodlame okuthi uma selimshayile libuye lixolise.
Selokhu engene esibhedlela uthe liyaqhubeka nokushaya ucingo lixolisa kodwa akazimisele ukwamukela uxolo futhi nabakubo abafuni nokuzwa ngalo.
Uthe udokotela umgcwalisele ifomu elichaza indlela alimele ngayo, okuyiyona angayisebenzisa ukuvula icala.
ULieutenant-Colonel Thulani Zwane utshele
Isolezwe ukuthi lo wesifazane ucele ukwenzelwa incwadi yesivimbelo senkantolo ezomvikela esokeni lakhe kodwa wangalivula icala.
Nayizolo belingakavulwa
icala njengoba kulindwe oyisisulu ukuthi azithathele leso sinqumo.