INDODA yaseChina iphoqe udokotela ukuthi ayinqume amankwahla ukuze ingalulangazeleli ucansi.
Ithe ihlala ilangazelele ucansi ngaso sonke isikhathi kanti ikholelwa ekutheni uma inqanyulwa amankwahla ngeke isaba nale nkinga.
UDkt Wang Xiang uthe lokhu kwenziwa kuphela kumuntu onesifo somdlavuza wamankwahla.
Kuthiwa le ndoda iphuthume esibhedlela ifuna ukususwa amankwahla.
Ineminyaka elinganiselwa kwengu-40 kanti eyidalulwanga igama layo.
Udokotela unqabile wabiza amaphoyisa ukuba azoyisiza.
Ngokombiko wephephandaba iXiaoxiang Morning Post, le ndoda iye esibhedlela iChangsha Sunshine.
Omunye udokotela wesifazane udlulisele lo mlisa kuDkt Wang Xiang.
UDkt Wang uthe le ndoda ibukeka ibukhali ocansini.
Udokotela uyihlolile wathola ukuthi iphile saka.
UDkt Wang uyixwayisile ngokuthi ingaphazamisi abanye abasebenzi. Le ndoda ikhathazekile ngokungalutholi usizo kwayo.
"Kungenzeka ukuthi iphazamisekile le ndoda emqondweni. Ungasho nje ukuthi kungani ifuna ukunqanyulwa amankwahla?” kubuza udokotela.
Iphendule yathi: “Ngaso sonke isikhathi ngihlala ngihalela ukwenza ucansi.”
Le ndoda kuthiwa izohlawuliswa ngokuphazamisa udokotela esebenza. - DAILY MAIL