UFUNA ukushintsha isikole umfundi (16) wakwesinye sezikole zaKwaZulu-Natal othole ukuthi unegciwane lengculazi ehlolwa esikoleni.
Lo mfundi wasoCelwane, KwesaKwaMthethwa ogama lakhe ligodliwe ukuze avikeleke uthe useyesaba nokubuyela esikoleni sakhe athole kuso ukuthi unegciwane lengculazi ngesikhathi ehlolwa.
Lokhu kuthiwa kwenzeke ngoLwesithathu olwedlule ngesikhathi kufika inhlangano, iMpilonhle eseMtubatuba, izohlola abafundi.
Umfundi obengazi ukuthi unegciwane lengculazi uhlolwe egumbini eyedwa waphuma ebonakala ukuthi akaneme ngemiphumela yakhe.
Uthe ubengalindele ukuthi angathola imiphumela ayitholile ngoba ubeqala ngqa ukuthola ngesimo sakhe sempilo. Kusukela etholile ngesimo sakhe akakaze abuyele esikoleni.
“Ngicabanga ukuthi nalaba abanye abafundi babonile ukuthi into engicasulile yileyo. Angikhululekile ukuthi ngingabuyela esikoleni,” kusho lo mfundi.
Uninakhulu (58) igama lakhe eligodliwe ukuvikela umfundi uthe bebazi ukuthi umfundi unegciwane lengculazi kodwa bebezomtshela uma eseneminyaka engu-18.
Uthe bebengazi ukuthi isikole sizobahlola abafundi ngoba ayikho incwadi abayitholile. Uthe ukube bebazi bebezothatha isinqumo ebesizovikela isimo sokuphazamiseka kwakhe njengoba eveze ukuthi ukhale ubusuku bonke ngesikhathi ethola ukuthi unegciwane lengculazi.
UMnuz Zechariah Mthembu oyilungu leSGB kulesiya sikole uthe bayiswa kwi-workshop ngalolu hlelo. Uthe kodwa laba bakule nhlangano base bevele befikile esikoleni nathe akaqondi ukuthi uMnyango wezeMfundo wakuvumela kanjani. Abazali abazange bathole ithuba lokuthi baziswe ngokufika kwabo bengakafiki.
UMnuz Muzi Mahlambi, okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe ngokujwayelekile uma kukhona inhlangano efuna ukuletha izinhlelo zezempilo isikole sixhumana nomnyango, asizithatheli sona izinqumo. Isikhulu sale nhlangano, uDkt Michael Bennish, sithe banesivumelwano sokusebenzisana nomnyango wezemfundo kanti futhi abakwenzile kuyahambisana nomthethosisekelo ongamele ukunakekelwa kwabantwana. UDkt Bennish uthe lo mfana wayalwa ngaphambi kokuthi ahlolwe kanti futhi wasayina ukuthi uyafuna ukuhlolwa.