UKHALA ezimathonsi ugogo wasePort Shepstone osola iphoyisa ngokudlwengula umzukulu wakhe (11) phakathi esiteshini samaphoyisa ekade emthume isigxivizo.
Ngokwalo gogo esingeke silidalule igama lakhe ukuvikela umzukulu, ingane ifike nencwadi ebivela esikoleni ebidinga isigxivizo sasemaphoyiseni.
Uthi uthume umzukulu ukuthi ayocela lesi sigxivizo, kodwa wagileka ilumbo, leli phoyisa limbizela endlini elihlala kuyo kulesi siteshi, maqede lamdlwengula.
Kusolwa ukuthi leli phoyisa likhombe umzukulu ngesibhamu ngaphambi kokumdlwengula.
“Ngithe uma ngithola lokhu, ngabuyisela ingane esiteshini samaphoyisa. Kungiphathe kabi ukuthi bangiphindisele emuva nengane ingcole injalo ngoba ngithe ayingagezi, bathi angiziyisele mina kudokotela ozoyihlola,” kusho lo gogo.
Lo gogo usola nophenya leli cala ngokumhlukumeza njengoba ethi umsabise ngokuthi leli phoyisa linommeli futhi necala lengane mhlawumbe bobuye balilandele ngo-Agasti.
Ngesikhathi leli phephandaba lizama ukulandela lolu daba, kuvele ukuthi inombolo yecala ikhomba ukuthi ugogo uvule icala lokuthi webelwe impahla.
Uphiko lwamaphoyisa lwezokuxhumana KwaZulu-Natal lulusukumelile lolu daba olugcine luphonswa ophikweni oluphenya amacala athinta amaphoyisa.
Okhulumela lolu phiko i-Independent Police Investigation Directorate (IPID), uMnuz Moses Dlamini, ukuqinisekisile ukuthi likhona icala elivulelwe leli phoyisa.
UDlamini uphinde waveza ukuthi lokhu kwenzeke leli phoyisa lingekho emsebenzini ngalelo langa.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi i-IPID iphenya ngezinsolo zokudlwengulwa kwengane yentombazane eno-11 okusolwa ukuthi yadlwengulwa yiphoyisa elalingasebenzi ngalelo langa. Ingane igcinwe ekhaya eliphephile lezingane. Akukaboshwa muntu kodwa uphenyo luyaqhubeka,” kusho uDlamini.