BAHLEZI lubhojozi abantu baseMtilobho, eShowe, emuva kokubulawa ngesihluku kukaMnuz Magazukani Amon Dlamuka (68) ohlahlelwe ngocelemba, nomzukulu wakhe uPhiwayinkosi Dlamuka (17) odutshulwe esiswini.
Lesi sehlakalo esenzeke entathakusa ngoMgqibelo sishiye abantu baseMtilobho bethukile njengoba ingaqondakali imbangela yokuhlaselwa komndeni wakwaDlamuka.
Ilungu lomphakathi elicele ukungadalulwa lithe unkosikazi kamufi ubeyisangoma kanti izigebengu zifike ngabo-2 entathakusa zashisa isigodlo sakhe nekamelo lomzukulu wakhe.
“Asazi ukuthi bebenzeni abantu bakwaDlamuka ngoba bawumndeni ozilungele. Ngisho bedlelwa indawo ngabathile lapha emphakathini ngo-2011 abazange balwe namuntu. Asazi-ke ukuthi babangiswani ngoba uDlamuka isidumbu sakhe sitholwe sinamanxeba okungathi ubeklajwa ngocelemba. Umzukulu wakhe udutshulwe esiswini waphuthunyiswa esibhedlela ngebhadi washona. Amaphoyisa afike uDlamuka eseshonile ngoba ubelimele kakhulu. Isiphethe kabi le nto siwumphakathi. Sesiyesaba ngoba sibona singaphephile uma kunabantu abanesibindi sokuhlahlela umuntu emzini wakhe,” kusho ilungu lomphakathi.
Umzukulu obulewe Isolezwe lithole ukuthi yingane yendodakazi yakwaDlamuka engahlali ekhaya ngenxa yokuthi isebenza kwelinye idolobha.
Ilungu lomphakathi lithe lizwe kuthiwa kugasele amadoda amathathu abefuna ukuwuqeda wonke umndeni wakwaDlamuka.
“Sizwa kuthiwa unkosikazi kaDlamuka uthole intuba yokubaleka wayofuna usizo ngesikhathi izigebengu zibambe umyeni wakhe. Asazi nokuthi sizolala kanjani uma kunabantu abangena emzini womuntu benze isihluku esinjena,” kusho ilungu lomphakathi.
Izolo amaphoyisa aseShowe abematasa elandela umkhondo wabasolwa. Lesi sehlakalo sibathusile abantu baseMtilobho.
UColonel Thembeka Mbhele obhekele ezokuxhumana emaphoyiseni aKwaZulu-Natal uthe kuvulwe amacala amabili okubulala nelilodwa lokushisa.
Uthe akukaboshwa muntu okwamanje kwazise amaphoyisa asematasa nophenyo lwawo.
Imizamo yokuthola abakhulumela umndeni wakwaDlamuka ayiphumelelanga kwazise basasaba ukuya ekhaya labo kanti umama wakhona akwaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo.