KUSHAYISANA inkulumo ngodaba lokubuyiselwa kweMatatiele ngaphansi kwesifundazwe iKwaZulu-Natal. I-AIC ithi isayine isivumelwano ne-ANC sokuthi le ndawo ibuyiselwe eKZN kodwa uKhongolose uyakuphika lokho.
Engxoxweni neSolezwe izolo, umengameli we-AIC, uMnuz Mandla Galo, uthe ngoMashi 18, ithimba lamalungu eqembu lakhe amahlanu ahlangane nethimba lamalungu e-ANC abeholwa uNgqongqoshe ehhovisi likaMengameli uMnuz Jeff Radebe lapho kusayinwe khona isivumelwano sokusebenzisana odabeni lwaseMatatiele.
UGalo uthe kulesi sivumelwano baphinde bazibekela nesikhathi sokuthi kumele lolu daba lube seluqedwe nini.
“Uzokhumbula ukuthi esinye sezizathu esenza ukuthi singene emshadweni ne-ANC ukuthi sasifuna iMatatiele ibuyiselwe ngaphansi kweKwaZulu-Natal, i-ANC siyinqumele ugwayi katiki sathi sifuna kushaye uMashi 31, sekucaca ngalolu daba, siyajabula ukuthi ikhona inqubekela phambili,” kusho uGalo.
Uthe bafuna ukuthi ngo-Ephreli kube sekuqalwa uhlelo lwezomthetho.
“I-ANC ibithi ifuna lolu daba lube seluphelile ngoDisemba thina sithi uDisemba ukude sifuna kuphele uSephthemba sekucaca kodwa siyaqonda ukuthi uhlelo lomthetho luthatha isikhathi salo,” kusho uGalo.
Ethintwa izolo okhulumela i-ANC kuzwelonke uMnuz Zizi Kodwa, uthe ayikho lento okukhulunywa ngayo yomhlangano wabo ne-AIC kodwa wanqaba ukuphawula kakhulu ngalolu daba.
UGalo uthe i-AIC ibingakazuzi lutho kulo mshado wayo ne-ANC.
“I-ANC siyisizile ngevoti lethu yakwazi ukuphatha uMkhandlu waseKurhuleni nowaseRusternburg,” kusho uGalo.
Uthe bakubeka kwacaca ukuthi uma iMatatiele ingabuyiselwa eKZN bazophuma emshadweni.