OSONDELENE nomyeni kanina wengane enenyanga obekuthiwa yathunjwa uthe umyeni “umthanda enjalo” unkosikazi wakhe amkhokhele ibheyili ka-R1000.
Izolo unina wengane nosolwa ngokuba isoka lakhe ona-26, badedelwe ngebheyili ka-R1000 umuntu emunye eNkantolo yeMantshi eThekwini.
Icala lihlehliselwe uMeyi 9 nonyaka ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
Umyeni kanina wengane ubekhona enkantolo kanti uvele wamamatheka ngesikhathi kudedelwa unkosikazi wakhe.
Uphume waxhawula ummeli kankosikazi uMnuz Mfanafuthi Biyela.
Ebuzwa abezindaba umyeni ukuthi basazoqhubeka yini nokuthandana uphendule kanje: “Ukuthandana nonkosikazi wami indaba yami leyo. Yindaba yomndeni wami.”
Emuva kwemizuzwana emkhokhele ibheyili uphume enkantolo ehamba naye emphathele ucwazi obunezingubo.
Umyeni wakhe uze wamvulela isicabha semoto abebehamba ngayo. Bashaya bachitha behamba nezinye izihlobo.
Umthombo weSolezwe osondelene nalo mndeni uthe yize sekukhulunywe okuningi kodwa umyeni uthe umthanda noma kunalesi sixakaxaka sengane unkosikazi wakhe.
“Kukho konke lokhu okwenzekile isifundo okumele sisithole wukuthi laba bantu bayathandana. Umyeni uthe usamthanda unkosikazi wakhe noma esebhekene necala,” kusho umthombo.
Izolo umbuso uveze ukuthi icala lokuthumba ingane nelokuduna imoto uyawahoxisa kodwa sebezobhekana necala lenkohlakalo nelokuphazamisa ukusebenza komthetho.
IMantshi, uMnuz Mohammed Motala, ithe njengoba umbuso ungasaphikisani nebheyili futhi amacala esengena ngaphansi kwesigaba samacala angebucayi, asikho isidingo sokuthi abasolwa bagcinwe ezitokisini wabakhipha ngo-R1000.
Ummeli wokuthiwa uyisoka likanina wengane, uMnuz Andile Dakela, uthe ulibofuzo abelucelile ngoMsombuluko alubange lusadingeka ngoba icala lokuthumba lihoxisiwe.
Udaba lokuthi ubani uyise wengane uthe seluyocaciswa enkantolo yamacala omndeni ngeke angena kulo.
Enkantolo uDakela uveze ukuthi umsolwa uzowaphika amacala abekwe wona. Uthe umsolwa unezingane ezintathu enye inezinyanga eziyisishiyagalolunye, endala ineminyaka engu-15.
Ummeli kanina wengane, uBiyela, uthe akakazokusho ukuthi umsolwa uyalivuma noma uyaliphika yini icala.
Ngaphandle kwenkantolo utshele abezindaba ukuthi obekusemqoka wukuthi umsolwa athole ibheyili ukuze aye ekhaya ezinganeni zakhe.
Uveze ukuthi umsolwa unezingane ezine, eyokuqala ineminyaka engu-14. Unina wengane uneminyaka engu-12 eshadile. Unguthisha ohola * -R12 000 ngenyanga. Uthe unomndeni othembele kuye ngokwezimali ngoba umyeni wakhe akasebenzi.
Ingane isagcinwe kosonhlalakahle kuze kube inkantolo yomndeni ikhipha isinqumo ngokufanele ayigcine.
Eminye imigomo yebheyili ithi kumele bangaphumeli ngaphandle kwelakuleli. Indawo lapho bezohlala khona ayizange idalulwe ngenxa yokuphepha kwabo.
Ngaphandle kwenkantolo bekukhona inhlangano engenzi nzuzo i-Assist Thandi’s House ebifake izikibha ezibhalwe ukuthi bafuna ubulungiswa kuleli cala.
UNkk Liza Langazana wasePort Shepstone obekwabebebhikisha ngaphadle kwenkantolo uthe bebengalindele ukuthi bakhishwe ngebheyili encane kangaka abasolwa.