UMNDENI wobenguNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Senzo Mchunu ubophe ibhungu laseLamontville ngezinsolo zokwethuka ngenhlamba nokumehlisa isithunzi kuFacebook.
UMnuz Mphumezi Sibiya ovulelwe icala eMpangeni uthweswe amacala okuthuka nokwehlisa isithunzi uMchunu nenkosikazi yakhe.
UNkk Mchunu uqinisekisile ukuthi icala lokuthuka nokwehliswa isithunzi balivule ngokubambisana nomyeni wakhe.
“Kuyiqiniso ukuthi likhona icala lokuthuka nokwehliswa isithunzi esilivulile eMpangeni. Indaba iqale ngami kodwa nobaba wabambisana nami salivula,” usho kanje.
Ummeli wommangalelwa uMnuz Bulelani Mazomba weBulelani Mazomba Attorneys naye ulivumile icala lalolu hlobo.
Uthe uSibiya ungaphandle ngebheyili ka-R1 000 ayinikwe yinkantolo yeMantshi yaseMpangeni ngenyanga edlule.
“Engimmele uboshwe ngomhlaka 15 ngenyanga edlule, wavela kafushane enkantolo eMpangeni ngezinsolo zokwethuka nokwehlisa isithunzi uMnuz Senzo Mchunu. Icala uyalivuma,” kubeka ummeli uMazomba.
Uqhube wathi icala
libuyela enkantolo ngoLwesihlanu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain
Nqobile Gwala uvumile ukuthi likhona icala elivuliwe lalolu hlobo.
“Owesifazane oneminyaka engu-48 nomndeni wakhe bathukwa ngezinhlamba enkundleni yezokuxhumana ngoDisemba 14 ngonyaka odlule.
“Icala lokwehlisa isithunzi lavulwa esiteshini samaphoyisa eMpangeni kwaboshwa umsolwa oneminyaka engu-31.
“Umsolwa uvelile enkantolo yeMantshi eMpangeni lahlehliselwa uMashi 24 ukuze kuqhutshekwe nophenyo,” usho kanje.
Ngosuku lwecala kuthiwa uMchunu wayekhona ehambisana nomkakhe ukuzokwethamela icala.