USATOKILE umshayeli wetekisi elibulale abafundi abane eNtuzuma ngesikhathi lona nebhasi kushayisana ngeledlule. UMnuz N N Zisongo (29), (igama lakhe eliphelele elingazange litholakale), uvele enkantolo ngoMsombuluko kodwa wancishwa ibheyili.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe uZisongo waboshwa ngoMgqibelo ngemuva kwengozi yangoLwesithathu. Uthe bebengakabi nolwazi ngelanga icala elihlehliselwe lona ngoba idokodo belisesenkantolo.
Engozini kwashona U-Thabile Myeni (16), Sibusiso Sibiya (16), Scelo Khumalo (13) abebefunda eSibonelo High noNtobeko Ngidi (16) waseSivananda Technical High.
Uyise kaScelo, uMnuz Bonginkosi Khumalo, waseNtuzuma, uthe bajabule ukuthi uZisongo uboshiwe. “Kusenzima kakhulu njengomzali, akulula neze ukulahlekelwa yingane isencane. Indodana yami ibizoqala uGrade. Yahamba kuqala kunodadewabo, naye ofunda kulesi sikole ngoba ilangazelela usuku lokuqala esikoleni. Ayibange isabuya,” kusho uKhumalo.
Kusasa kuzoba nenkonzo yesikhumbuzo yabafundi KwaMashu Christian Centre kusukela ngo-10 ekuseni.
Inkonzo yomngcwabo yabafundi abathathu izoba sePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
Omunye uzofihlwa ngeSonto ngenxa yenkolo yakhe engavumi ukuba afihlwe ngoMgqibelo.
Amaphoyisa aseNtuzuma acele bonke ababegibele itekisi ukuthi befike esiteshini bacele umphenyi, uCaptain Sizwe Dludla noma bamfonele ku-0315098576.