ISOLWA ngobuqola nokuba wuhubhu kabhejane indoda ebe ngudabuzekwayo ezinkundleni zokuxhumana emuva kokuvela ohlelweni, iDate My Family (DMF) kuMzansi Magic ngeSonto.
Indoda, ezibiza ngoMdu Nyoni, sekuvele okuningi ngayo okukhombisa ukuthi iphila impilo engamanga kunaleyo eziveze iyikho ohlelweni. UNyoni, okuqale kwakhulunywa ngaye ngendlela awuswenka ngayo, ubevele ohlelweni oluhlanganisa abangase bagcine sebethandana. Esahlangana nomndeni wokuqala wentokazi angase athandane nayo, basole ukuthi uyiBlesser. Yomithathu imindeni agcine ehlangane nayo ikhombise ukungamethembi ngoba nenkulumo yakhe ibingahlangani. Okunye okumenze wasematheni yindlela akhuluma ngayo isiNgisi ecinanisa amakhala, okuthe uma ebuzwa ngakho wathi wakhulela eBritain.
Ezichaza ohlelweni uthe wakhula ehlala ezindaweni ezahlukene kodwa wagcina ekhuliswa ngumlungu. Uthe unebhizinisini lokudayisa izinwele, uhlala ezindaweni ezintathu, unezingane ezimbili eneminyaka eyisithupha nenonyaka. Uthe akanaye unina. Kuthe kuphela uhlelo ngeSonto bonke abebekade belubukela bahlala phezu kwakhe besho nokuthi unamanga. Abanye baveze izingxoxo ezehlukene ngaye nabathize besho ukuthi uNyoni ubuye abe ngumfundisi futhi ngowaseZimbabwe.
Kuvele nokuthi wakha izindlu futhi uhambe eshutha nezimoto zabantu eziphambili athi ngezakhe. Kuvezwe isithombe egqoke isudi kanokusho esemotweni iPorsche abhale ukuthi ngekanina. Kubuye kwasabalala nesithombe esimveza egqoke isikibha esikhombisa ukuthi ufaka amaDstv kubhalwe nenombolo yakhe yocingo. Inombolo okuthiwa ngeyakhe ishayelwe kaningi ingabanjwa kwathunyelwa iSMS ephendulwe ngokuthi makushayelwe uMike ngoba umnikazi wocingo usemgwaqweni. Kushayelwe uMike watshelwa lonke udaba naye wakhala ngokuba semgwaqweni maqede wavala ucingo olugcine luvalwe unomphelo.
Isolezwe lithole ukuthi ama-akhawunti akhe ezinkundleni zokuxhumana asevaliwe ngaphandle kweyeLinkedin eveze ukuthi uyi-Operations Director yeHouse of Imani kusukela ngo-2013.
UNksz Nondumiso Mabece oyiNhloko yezokuXhumana kuMzansi Magic edidiyela uhlelo, akafunanga ukuphawula ngqo ngoNyoni kodwa uthe: “Bonke abayingxenye yohlelo banemibuzo ababuzwa yona ngaphambi kokuthi luqoshwe. Lokhu kusuke kwenzelwa ukuqinisekisa ukuthi abashadile nokuthi akukho okungabavimba ukuthi bafunelwe omaqondana. Ngesikhathi kwenziwa konke lokhu, okubalulekile wukuthi bakhulume konke ngempilo yabo.”
Baphawule kanje ababukeli ngohlelo. USizwe Dhlomo ephawula ngesithombe semoto uthe: “UMdu Nyoni ubengashongo ukuthi unina washona.”
USimphiwe Mngomezulu uthe: “Siyabonga kubaphenyi bakaTwitter, uMdu Nyoni useyivalile i-akhawunti yakhe kuFacebook.”
“Sicela ithimba leDMF lingaphinde lifake umuntu ofana noMdu ngale kwalokho sizoluduba uhlelo,” kusho uMotho Gape.