NJENGOBA ngangishilo ngokudlule ukuthi kule ngosi sizobheka izinkinga zabathengi, siqale ngokubheka ezikamasingcwabisane ngoba baningi abakhala ngabo.
Namhlanje sizobheka udaba lukamasingcwabisane waseMlaza okhokhise umndeni oshonelwe esikhundleni sokuwunxephezela.
Umfundi wephephandaba, uMnuz Moses Khanyile, ubhalele Isolezwe ekhala ngokuthi ngesikhathi beshiywe ngubabekazi wabo uNkk Thiyephi Zulu ngo-Okthoba nyakenye bakhokhiswa izindleko zomngcwabo yize ayenomasingcwabisane.
UKhanyile uthe ubabekazi wakhe wayeyilungu likamasingcwabisane obizwa ngeHambakahle Funeral Parlour ekwa-V eMlaza.
Uthe ubabekazi washona ngo-Okthoba 4, 2016 esekhaya lakhe kwa-K eMlaza, isidumbu salandwa ngalolo suku ngabakwaHambakahle Funeral Parlour.
Ngosuku olulandelayo uKhanyile uthe bahamba sebeyokwenza amalungiselelo omngcwabo.
Babuzwa ukuthi umndeni unamalini bathi uma bethi bano-R12 000 batshelwa lokhu okulandelayo :
Ukugcwalisa amafomu okushona kukamufi nokuthola incwadi egunyaza ukungcwaba ngu-R2 250.
Ukulanda isidumbu kwa-K siyiswe emakhazeni akwaHambakahle akwa-V eMlaza ngu-R2 000.
Ukuhambisa isidumbu emathuneni ngu-R3 700
Ukuhambisa umndeni uyokwenza isitifiketi sokushona kukamufi emahhovisi oMnyango wezaseKhaya aseThekwini ngu-R1 700.
Ukushicilelwa kwamakhophi ohlelo lomngcwabo ngu-R850.
UKhanyile uthe umbuzo abasala nawo ngowokuthi kanti ubabekazi wakhe ubekhokhelani eminyakeni engaphezu kwemihlanu eyilungu? Ucele Isolezwe ukuba liphenye ngalolu daba.
Ngesikhathi kuthintwa abe-Hambakahle Funeral Parlour, uMnuz Mpumelelo Manzi, okubhalwe inombolo yakhe emaphepheni kamasingcwabisane, uthe uzodinga imininingwane yokuthi ngubani umufi ngoba miningi imingcwabo abayenzayo futhi baningi osomathuba abenza okungalungile besebenzisa igama lakwaHambakahle.
Isolezwe limthumelele imibuzo nge-e-mail enemininingwane kamufi nokuthi washona, isidumbu sakhe salandwa nini.
Kusukela ngoDisemba Isolezwe belilinde impendulo. Nakuleli sonto uManzi uthunyelelwe imibuzo kodwa wangaphendula.
Isolezwe lithinte inhlangano yabangcwabi iNational Funeral Directors Association (NFDA) libuza ukuthi ziyakhokhelwa yini izitifiketi zabafi nakho konke okukhokhwe ngumndeni kaKhanyile?
UNkk Marthie Botha onguNobhala weNFDA utshele Isolezwe ukuthi banamalungu amaningi angomasingcwabisane kodwa ngebhadi uHambakahle awusilo ilungu labo.
“UHambakahle akayona ingxenye yethu kodwa uma ubalula izindleko zomndeni kaMnuz Khanyile kuyacaca ukuthi waqolwa. Abantu akufanele bakhokhe imali abangayiqondi uma ilungu labo belikhokha nyangazonke. Kufanele babuze ukuthi umasingcwabisane usebenzisana namuphi umshwalense ngoba lokho kuyacacisa ukuthi uma umuntu eseshonile izoba khona imali.
“Ngaphambi kokuthatha umasingcwabisane abantu kufanele babheke ukuthi ubhaliswe ngokusemthethweni, bafune inombolo yethu ngoba amalungu ethu awabaqoli abantu. Kufanele bafunde kahle izinkontileka ezisho ukuthi kuzokhokhwa malini uma umuntu eseshonile. ,” kusho uNkk Botha.
Unxuse abahlukunyezwa ngomasingcwabisane ukuthi bathinte iNational Consumer Commission ngesikhathi besalinde ukusungulwa kwehhovisi lomxazululi wezindaba zikamasingcwabisane.
Mayelana nemali ekhokhwa nyangazonke ngamalungu kamasingcwabisane uthe okujwayelekile wukuthi bahlala emhlanganweni namalungu abo bese bebheka izindleko zebhizinisi bavumelane ngemali ezokhokhwa.
Uthe ukuthathwa kwesidumbu nokuhanjiswa kwaso emakhazeni nasemathuneni akukhokhelwa ngoba kusuke kubalwe emalini ekhokhwa yilungu likamasingcwabisane nyangazonke.
Uphinde wanxusa abantu ukuthi babuze ukuthi ikhokhwa uma kwenzenjani imali ethe xaxa njengoba eveze ukuthi kwesinye isikhathi kuye kudingeke ukuthi umuntu akhokhe uma enomzimba omkhulu ngokweqile noma emude kakhulu.
Lokhu uthe kwenziwa wukuthi amabhokisi abantu abakhulu ngokweqile nabade kakhulu awahlali ekhona kuye kudingeke ukuthi akhiwe uma sebeshonile.
Ubadonse ngendlebe abantu wathi bangalokothi bakhokhe imali abangayiqondi ngoba sebeshonelwe yilungu lomndeni kodwa baqale bafune usizo ezinhlanganweni ezifana neyakhe.
Eminye imininingwane ye-NFDA itholakala ku-www.nfda.org noma ku-0800 228 6332/ 011 262 789 1880.
I-National Consumer Commission itholakala ku-www.thencc.gov.za noma ngokushayela * -012 428 7000.