KUSOLWA ukuthi idlwengulwe yiqulu intombazane yaseNanda esigcemeni sakwa- A etholwe isishonile emuva kwezinsuku ezinhlanu inyamalele.
UNokulunga “Manlo” Majola (13) obefunda uGrade 9 eKhethokuhle High eMatendeni, eNanda, uphume eya esikoleni ngoLwesibili ekuseni kanti uzohlangabezana nezimbila zithutha endleleni, akabange esabuya ekhaya. Isidumbu sakhe sitholakale budebuduze nakubo ngoMsombuluko sesonakele, sifakwe ngobuso exhaphozini kanti kusolwa ukuthi uqale wadlwengulwa.
UNkk Zanele Khumalo ongumamkhulu wale ntombazane eyashonelwa ngunina, uthe uqale wazitshela ukuthi ingane yakhe cishe isiyajola uma kudlula isikhathi ingabuyi ekhaya. “Bengizitshela ukuthi useyaganga, bengijwayele ukumbuza kwezinye izingane afunda nazo uma zidlula uma ngingamboni, ngaleli langa angabuyanga ngalo ngazibuza ukuthi ukuphi, zathi zimshiye ephumule ngasesitolo, kwaze kwahlwa engabuyi, ngalala ngiphatheke kabi,” kusho uNkk Khumalo.
Uthe ngakusasa uvukele esikoleni eyobuza, kwavela ukuthi ubonakele ngalo uLwesibili nomfana obenza uGrade 12 kulesi sikole. Lo mfundi kuthe uma ebuzwa ukuthi umbonile yini umufi ngalolu suku okukhulunywa ngalo wathi wambona kodwa basheshe bahlukana.
UNkk Khumalo uthi kuzwakale ngephunga ehlathini ukuthi kunomuntu oshonile. “ Angazi ibibekwa yini ingane emgwaqweni oyibhuqu oya eMtshebheni lapho kugcine kutholwe khona isidumbu,” kusho uNkk Khumalo ekhala.
Uthe amalungiselelo omngcwabo abengakenziwa ngoba kunefomu abasayigcwalisile emaphoyiseni elizoyiswa emakhazeni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala usiqinisekisile lesi sigameko, wathi kunophenya oluqhubekayo mayelana nembangela nezimo eziholele ekushoneni kwale ntombazane.