SEKUQUBUKE indida ngokubulawa kowesifazane oneminyaka engu-35 osikwe amabele, isitho sangasese nasekhwapheni ngesikhathi kunomcimbi kubo eSweetwaters, ngaphandle kwaseMgungundlovu.
UNksz Zodwa Madlala (35) utholwe izolo ekuseni ngaphandle kwendlu yakubo esaphila kodwa engasakwazi ukukhuluma.
Umndeni wakhe usadidekile ngokwenzekile ngoba umgcine ephila futhi bezijabulele njengoba bekunomcimbi, kwenzelwe ingane imbeleko.
UNksz Ntombizodwa Madlala ongudadewabo omdala kamufi, uthe bambone ekuseni ngaphandle kwendlu enqunu kodwa esaphila.
“Sibizwe udadewethu omdala ukuba sizobona umuntu olele ngaphandle kwendlu yasekhaya engumxhaso. Siye khona sonke, safica uZodwa enqunu kusengathi ugcwele udaka emzimbeni wakhe. Ubesikwe amabele. Ubesaphila ngoba izindebe zakhe bezisanyakaza. Simbuzile ukuthi ubani omenze lokhu (ukumsika), ubengasakwazi ukuphendula. Ugcine ngokushona endaweni yesigameko,” kusho uNksz Madlala.
Uthe umufi uyingane kamamncane wakhe kanti imizi yakwaMadlala kule ndawo ingomakhelwane.
“Besizihlalele sonke uZodwa wahamba ebusuku eseya endlini yakhe. Asazi kwenzekeni njengoba sibone isidumbu sakhe ekuseni. Ubesikiwe amabele, esikwe ekhwapheni, nesitho sakhe sangasese. Nezinwele zakhe zisusiwe. Izimpahla zakhe abezigqokile bezisaphazekile eduze kwesidumbu. Isiketi sitholwe eduze kwesidumbu sakhe. Iphenti nokunye bekubuqamama nesidumbu, kugcwele igazi. Asazi noma uhlaselwe lapha ekhaya noma ulethwe lapha eselimele yini. Sididekile sonke ngokwenzekile,” kusho uNksz Madlala.
Uthe udadewabo unezingane ezimbili.
Amalungu omndeni aveze ukuthi awamzwanga umufi ekhala.
“Sifuna kwenzeke ubulungiswa, kuboshwe abasolwa,” kusho uNksz Madlala.
Isolezwe lithole ukuthi izicubu zikaNksz Madlala ezisikiwe azitholakalanga.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Colonel Thulani Zwane, uthe kuvulwe icala lokubulala.
“Kutholwe isidumbu sowesifazane ngaphandle kwakubo sisikwe amabele, isitho sangasese nasekhwapheni. Izitho zomzimba ebezisikiwe bezingekho.”
UZwane uthe kuzohlolwa isidumbu ukuze kubhekwe ukuthi akadlwengulwanga yini ngaphambi kokuthi abulawe.
Amaphoyisa aphenya icala lokubulala kanti akukaboshwa muntu.