UGXEKWE nxazonke unina wosana olunenyanga, uSiwaphiwe Mbambo emuva kokuvela kwezinsolo zokuthi unesandla ekuthunjweni kwalo.
Unina, owesifazane okusolwa ukuthi ubegade ingane ngesikhathi ithunjwa nendoda okusolwa ukuthi inguyise wengane ncamu baboshiwe izolo.
UNkk Adeshini Naicker oyi-Operations Manager KwaChildline, uthe bajabulile ukuthi uSiwaphiwe utholakele engenamyocu kodwa baphatheke kabi kuboshwa kukanina.
“Kusiphatha kabi ukuthi unina uyathinteka ekuthunjweni kwayo ngoba udaba lwakhe lushukumise iNingizimu Afrika yonke. Siyazi ukuthi umndeni, indodakazi yakhe nesizwe sonke besinengcindezi emuva kokuzwa ngokuthunjwa kwengane. Sikhathazekile ngengcindezi ebikumfowabo odinga ukwelulekwa ngokwengqondo,” kusho uNkk Naicker.
Uthe bakhathazekile nangoSiwaphiwe ngoba ukuhlukana kukanina nengane encela ibele kuyayihlukumeza.
“Umama udlale ngesikhathi sabantu baseNingizimu Afrika, esamaphoyisa nezinsiza kusebenza zawo ebezidingeka kwezinye izindawo,” kusho uNkk Naicker.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, KwaZulu-Natal, uNkk Weziwe Thusi kwi-sms ethunyelwe nguNkk Ncumisa Ndelu omkhulumelayo, uthe bayabonga ukuthi ingane itholakale iphila futhi babonga kakhulu ukubambisana okube khona phakathi kwamaphoyisa nomphakathi.
“Kuyakhombisa ukuthi akukho okungasehlula uma sibambisene. Okubalulekile njengamanje wukuthi amaphoyisa anikwe ithuba lokwenza umsebenzi wawo ngokuthula,” kusho uNkk Thusi.
Unina kaSiwaphiwe ugxekiwe ezinkundleni zokuxhumana. ku-twitter. URami Chuene, @ramichuene uthe abantu bangayeki ukusizana uma kunesimo esiphuthumayo, bangabanaki abantu abadlalayo ngoba basuke bekhona abadinga usizo ngempela.