IHHOVISI loMvikeli woMphakathi livumile ukuthi lizomphenya lowo obenguSihlalo we-AU, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma mayelana nokugadwa kwakhe abaqaphi bombuso yize eyisakhamizi nje sakuleli, esingenasikhundla.
Lokhu kuzokwenzeka ngemuva kwesimangalo esifakwe i-DA ehhovisi loMvikeli woMphakathi ngo-Ephreli 18.
Okhulumela i-DA, uMnuz Zakhele Mbhele, uthe obenguKhomishana wamaPhoyisa omisiwe uLt General Khomotso Phahlane wakuqinisekisa ePhalamende ukuthi uDkt Dlamini Zuma uyagadwa uma enza umsebenzi kaKhongolose.
“Sekuyizinyanga ezimbili manje kuvele udaba lokugadwa kukaDkt Dlamini Zuma kodwa akukho okuvelayo ukuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Fikile Mbalula wenzani ukukumisa lokho, uvumela ukuthi ziqhubekele phambili izindleko ezikhokhwa ngabakhokhi bentela,” kusho uMbhele.
Uthe uDlamini Zuma akumele aqashwe ngonogada bombuso ngemali yabakhokhi bentela.
“Udaba lukaDkt Dlamini Zuma lukhombisa ukuthi i-ANC ivikela abaholi bayo kunokuvikela izakhamuzi ezibhekene nenselelo yokuvika izigebengu nsuku zonke, i-DA ilindele ukuthi lolu phenyo luqale.’’