USEMATHENI umfundisi waseZimbabwe, uPaul Sanyangore, webandla iVictory World International Ministries Church emva ‘kokukhuluma’ noNkulunkulu ocingweni esashumayela. Lo mfundisi ngeSonto uthole ucingo athe luvela kuNkulunkulu ematasa eshumanyeza owesifazane. Kule video etholakala kuYoutube, kuqhuma ihlombe ebandleni uma umfundisi uPaul esedalula ukuthi ucingo oluvela ezulwini.
“Sawubona, ngabe isezulwini lapho?” kubuza lo mfundisi eqeda ukubamba ucingo.
“Nginowesifazane phambi kwami la, yini eningakusho ngaye? Oh, yebo. Ikuphi okunye ofuna ukukusho baba Nkulunkulu?” kusho lo mfundisi.
Ungazibukela ivideo ngezansi ukuthola inkulumo ephelele yalo mfundisi:
undefined