S’MANGELE ZUMA
U KHALA ezimathonsi umndeni kaConstable Khayelihle Sikhakhane (32) otholwe emotweni yakhe eseshonile, enenxeba lokudutshulwa ekhanda eNkonjeni, oLundi, ngoLwesibili.
Leli phoyisa ebelisebenza esiteshini samaphoyisa asoLundi ophikweni lwe-Public Order Policing kuthiwa lidutshulwe lingekho emsebenzini.
Kuthiwa libulawa nje belisanda kufonela unina ohlala eThokoza khona oLundi limthembisa ukumlethela igrosa ngoba belingasebenzi.
Kusolwa ukuthi lidutshulwe ngumuntu obesemotweni ngoba amagobolondo ezinhlamvu atholakale phansi emotweni.
Ngokwelungu lomndeni, elingathandanga ukudalulwa, uSikhakhane ubesanda kubuya kosebenzela eMandeni lapho bebejutshwe khona nozakwabo ukuqapha izibhelu zomphakathi obukhala ngekhansela.
“Asikatholi kahle ukuthi ubeyofunani eNkonjeni aze abulawe. Ubehlala elokishini e-Unit D. Umndeni usashaqekile ngokwenzekile. UKhayelihle ubelithemba lawo ondla ekhaya. Sisazibuza ukuthi ubulawe ngubani nokuthi kungani ebulawe ngesihluku esingaka? Ubewuthanda umsebenzi wakhe. Asazi ukuthi uxabane nobani ngoba ubenomoya ophansi engaxabani namuntu,” kusho ilungu lomndeni.
Uthe unina kaSikhakhane ushayeke kakhulu ngokufa kwendodana yakhe ebimise ikhaya.
“Kunzima kakhulu emndenini ukwamukela. Sithandazela ukuthi ombulele atholakale ngokushesha. Sifisa asichazele ukuthi ubenzeni uKhayelihle,” kuqhuba ilungu lomndeni.
Ozakwabo bathe ukufa kwakhe kubathuse kakhulu ngoba bebelindele ukuthi uzobuyela emsebenzini izolo.
“Kusiphethe kabi ukufa kukaSikhakhane ngalolu hlobo. Kusishiya sinemibuzo ukuthi ngabe ufele umsebenzi wakhe noma okunye okuseceleni. Kunamahlebezi okuthi umbulali ufonele intombi kaSikhakhane ngocingo lwakhe ngemuva kokumdubula. Kuthiwa iphendule ngokujabula izitshela ukuthi uSikhakhane. Umsolwa uyitshele ukuthi usembulele. Ucingo lukaSikhakhane alutholakalanga endaweni yesigameko okungenzeka ukuthi umsolwa waluthatha,” kusho uzakwabo kaSikhakhane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uMajor Thulani Zwane uthe amaphoyisa asoLundi aphenya icala lokubulala ngemuva kokuba kutholwe iphoyisa elina-32 libulewe eNkonjeni.
“Kusolwa ukuthi udutshulwe eshayela imoto yakhe okuholele ekutheni iphaphalaze iyoshayeka onqenqemeni lomgwaqo. Imbangela yokubulawa kwephoyisa ayikaziwa. Akukaboshwa muntu okwamanje. Amaphoyisa asaphenya,”kusho uZwane.