UBELOKHU emamatheke njalo umfana onomdlavuza wamathambo ngesikhathi abeReach For A Dream befeza iphupho lakhe lokuhlangana noNtokozo Dlamini odlala indawo kaMastermind ku Zalo izolo.
Umfundi kaGrade 10 Ongoye High, uMbuyiseni Mfeka (18) waseSikhaleni, ubephelezelwa ngunina uNksz Khethiwe Mathenjwa, (43), nodadewabo ababili ngesikhathi eyohlangana okokuqala noDlamini estudio lapho kuqoshelwa khona u Zalo.
“Ngijabule kakhulu. Njalo uma kudlala u Zalo ngiyaphuma ekhaya ngiyobukela ithelevishini kamakhelwane. Eyethu yantshontshwa ngonyaka odlule ngoDisemba yatholakala isifile. U Zalo ngiyaluthanda kakhulu ikakhulukazi indlela uMastermind alingisa ngayo, angikwazi ukuphuthelwa yisiqephu salo,” kusho uMbuyiseni.
Unina kaMbuyiseni uthe indodana yakhe iqale ukugula ngonyaka odlule ngoNovemba.
“Waqala ngokumila inyama eqinile edolweni. Sazitshela ukuthi kudalwe ukuthi uthanda ukudansa. Besilokhu sigqigqa ezibhedlela besitshela ukuthi ababoni lutho. Sijabule kakhulu namhlanje ukuhlangana noMastermind nabanye abalingisi bo Zalo. Sibabone ngo si abalingisi bo Zalo ebesibazi ngokubabona kwi-TV,” kusho uNksz Mathenjwa.
Uthe kumphatha kabuhlungu ukugula kukaMbuyiseni ngoba sekumphuthisela ngisho nangesikole nokudansa okuyinto azifelayo ngayo.
UDlamini uthe kumjabulise ukuthola ukuthi umsebenzi wabo uthinta impilo yabantu.
“Kuhle ukuthi siyakwazi ukubuyisa ithemba kubantu yize bebhekene nezinkinga nokugula okwahlukene. Kuyintokozo kimina ukuhlangana noMbuyiseni ngambonisa nezinye izindawo okuqoshelwa kuzona u Zalo. Ngifisa ukumgqugquzela ukuthi asebenze kanzima ukufeza isifiso sakhe sokuba ngumlingisi. Nami ngikhulele elokishini e-Ashdown eMgungundlovu. Uma ufuna ukuphumelela kumele uzimisele uyifune uze uyithole into oyifunayo,” kusho uDlamini.
IProduction Manager yo Zalo uNkk Yashika Naidoo ithe ukufika kwabakwaReach for A Dream noMbuyiseni kubakhumbuzile ukuthi umlingisi ngamunye ubaluleke kangakanani.
“Kube kuhle ukuthi siphume kwesijwayele ukukwenza. Kusenze sakhumbula ukuthi umlingisi ngamunye udlala indima enkulu. Akukho okudlula ukubona ukumamatheka kukaMbuyiseni ngemuva kokuthi ebone umlingisi amthandayo,” kusho uNkk Naidoo.
Umfezi maphupho wakwaReach For A Dream uNksz Kholiswa Nonkwelo uthe baswele amazwi okubonga kuDlamini ngendlela amamukele ngayo uMbuyiseni.