AGIZA HLONGWANE
U YAZICANASELA oboshwe ejele laseWestville, eThekwini, ngamacala okubulala amabili, okuthiwa uhlukumeza ojele. Iphephandaba elinguzakwabo waleli i Sunday Tribune lenze uphenyo ngalezi zinsolo, linanobufakazi ngazo lithole ngempilo ehlukile kweyezinye iziboshwa kaRussel Ngubo owayephethe ijele laseMgungundlovu, iNew Prison owaboshwa ngo-1995 ngamacala okubulala amalungu amabili e-IFP.
Imithombo ehlukene ekhulume naleli phephandaba ithe uNgubo unobudlelwane obuqinile futhi unokuxhumana nabantu abaphezulu okubalwa kubo umphathi wamajele kulesi sifundazwe, uMnuz Mnikelwa Nxele.
Leli phephandaba lithe uNxele unokujika izinqumo esezithathwe ngabaphathi bejele esinye sazo kwaba yingesikhathi benqabele uNgubo ukuthi aye ebhange laseFNB eliseDavenport.
UNgubo owayenguSihlalo wegatsha le-ANC eStoffelton ugwetshwe ngo-2005 ngamacala okubulala umholi we-IFP uMnuz Nash Ngubane nelungu lale nhlangano uMnuz Amos Mshengu ngo-1995.
Kuthiwa wasebenzisa amaphoyisa, ojele nezimoto zomsebenzi ngesikhathi kwenziwa leli cala.
Ngo-2005 uNgubo kuthiwa wanikwa igunya lokuthi asebenzise ubuchwepheshe be-audio visual ukuthi aqhube izifundo zakhe zomthetho e-Unisa.
Kuthiwa izihlobo zakhe zamlethela iTV nevideo recorder okwafakwa esitokisini sakhe kodwa lokhu kwashaqwa emuva kwezinyanga ezimbalwa.
Ngo-Agasti 2007 lezi zinto zabuyiswa emuva kokuthi edlulisele udaba lwakhe enkantolo kodwa ngo-Disemba 2007 kwaphinde kwasuswa emuva kokuvela ukuthi iziboshwa azivumelekile ukuba nama-TV azo ngaphakathi.
UNgubo kuthiwa watshelwa ukuthi ijele linazo lezi zinsiza kumtapo wolwazi walo uma edinga ukuzisebenzisa.
Uphenyo lwe Sunday Tribune luveze ukuthi uNgubo akafakwa ozankosi, ugqoka izingubo zakhe, ukhishwa ejele izikhawu eziningana eyosebenzisa ibhange kodwa ephume njengomuntu oya esibhedlela.
UNgubo ugcine ukuphumela ngaphandle ngo-Okthoba 25, kunezinsolo zokuthi kunesihlobo sakhe esisebenza njengomabhalane kuleli jele elibandakanyeka ekusizeni ukuthi kungabhalwa ngalokhu kuvakasha njengoba kusho umthetho.
Kuthiwa uNgubo uthimusela ngamathe ojele, asabisa ezinye iziboshwa.
Ubeneselula esitokisini sakhe, enqaba ukuyinika ojele, yagcina ngokuthi ayifake ethoyilethi.
Uyenqaba ukuthi kuseshwe isitokisi sakhe noma esendaweni yezivakashi.
Sewake watshela ujele ukuthi uma eke waba nesandla sensimbi kuye uzokhishwa ophikweni abesebenzela kulo, nebala kwaba njalo.
Uthola ukudla okusha kubangani nezihlobo nokuwukuphula imithetho yejele.
Kuthiwa wake wacela nokubona ifayela lakhe lasejele okungavumelekile, walidabula.
Ojele kuthiwa sebeke babhala izincwadi bekhala ngalokhu kuziphatha kukaNgubo.
UNxele uthe akukho lutho olumhlanganisa neziboshwa, uNgubo uyamazi ngoba wake waba umphathi wejele phambilini eMgungundlovu.
Uthe wayesebenza naye, wahamba waya kosebenza kwenye indawo wabuya eseyisiboshwa.
Yize i Sunday Tribune inobufakazi obubhaliwe uNxele evumela ukuthi uNgubo aye ebhange, uphikile ukuthi uyakwazi lokhu.
“Esifundazweni zingu-30 000 iziboshwa kunzima ukuthi ngingenelele kuzo zonke. Uma umphathi wejele engithinta ecela ngimeluleke, ngenza njalo,” kusho uNxele.
Uthe ngokwazi kwakhe kukhona amalungu omndeni kaNgubo abekwazi ukusebenzisa i-akhawunti yakhe kodwa kwathi sekushintsha imenenja kwadingeka ukuthi uNgubo azihambele yena ayokwenza olunye uhlelo.
UNxele akaphawulanga uma ebuzwa ukuthi wamnika yini uNgubo imvume.
Okhulumela uMnyango wezokuHlumeleliswa kweziMilo, uMnuz Koos Gerber, uthe uMnyango uyalekelela ababoshiwe abadinga ukuya emabhange yize lokhu kungajwayelekile.
Uthe abaphathi bamajele abakwazi ukuthatha izinqumo ngalokhu ngoba iziboshwa zingabantu zinawo ama-akhawunti aqondene nazo.
Uthe isiboshwa kumele sihlale sigqoke umfaniswano wasejele noma kuthiwa ziya enkantolo ngaphandle uma kunesivumelwane nosuke elalele icala.