ZODWA NDABA
U FUNA izindodla zemali usihlalo weChippa United uSiviwe “Chippa” Mpengesi ngesibabuli saleli qembu uThami Sangweni oshelwa yizikhondlakhondla zamaqembu agijima ku-Absa Premiership.
Isolezwe lithole lezi zindaba ngomthombo walo othembekile ukuthi uMpengesi ufuna u-R4 million emaqenjini agaqele uSangweni ongumfowabo kaSiyabonga “Nsimbi” Sangweni osanda kuthatha umhlalaphansi ebholeni elikhokhelayo.
Amaqembu okuvela ukuthi acathamela uSangweni yiKaizer Chiefs, Orlando Pirates neBidvest Wits.
“UChippa umbizisa ngamabomu uSangweni ngoba ufuna ukubalekisa amaqembu amfunayo. IChiefs iyona esike yabeka nemali engayikhokha ngoThami. UChippa ufuna u-R4 million kanti iChiefs izimisele ngokukhokha u-R1.6 million bese ezikhethela abadlali ababili ngaphezulu kulaba ebachithayo okuyinto uChippa angafuni nokuyizwa,” kusho umthombo.
UMpengesi uthintwe yi Solezwe wavuma ukuthi akhona amaqembu aseke amthinta ngoSangweni.
“Akhona amaqembu aseke angithinta ngoSangweni kodwa ngeke ngiwadalule ngoba akuwona umsebenzi wami lowo. Into engingayisho ngoSangweni wukuthi ngeke ngimdayise ngoba ungumdlali obalulekile kithi njengoba sifuna ukuqhubeka la sigcine khona ngesizini ephelile. Angikwazi ukulokhu ngidayisa abadlali ekubeni nami nginesifiso sokuthi sidle noma isicoco esisodwa ngesizini ezayo. USangweni usezinhlelweni zomqeqeshi futhi engizokusho wukuthi kule sizini ngeke sidedele abadlali abaningi ngoba asifuni ukuhlakaza iqembu elibumbene,” kusho uMpengesi.
Ngesizini edlule iChippa iqede kuTop 8 okokuqala okusho ukuthi izodlala kuMTN 8 ekuqaleni kwesizini ezayo.
USangweni, osibamba sithule isisu, ufike kuChippa esuka kuMamelodi Sundowns ayilaxaze ngenxa yebhentshi. Ngonyaka odlule ubehambe neqembu lesizwe lakuleli elidlale ku-Africa Cup of Nations (Afcon).
UMpengesi ukuphikile ukuthi ufuna izizumbulu ngoSangweni. “Angikaze ngibe nezingxoxo ngoSangweni. Ngimile kwelokuthi ngeke ngimdayise nathi siyamdinga,” kusho uMpengesi.
USangweni usalelwe yiminyaka emibili kuChippa. Kuthintwa ophethe izindaba zakhe, uLizwe Mthethwa we-Afstec Sport Group, uvumile ukuthi akhona amaqembu asemthintile.
“Mabili amaqembu asengithintile futhi womabili azimisele ngokumthenga uSangweni. Kodwa njengoba enenkontileka neChippa kumele kuvume yona ukuthi iyamdayisa,” kusho uMthethwa.