KULO nyaka kunemikhakhankaso ethe chithi saka nezwe lonke yokuqinisa ubudlelwano nokuzwana phakathi kwezinhlanga zabantu abehlukene bakuleli. Ziningi izinkampani, kubandakanya nale engiloba ephephandabeni layo namuhla, ezisekhaleni lalo mkhankaso ngezindlela eziningi.
Emasontweni edlule nje uMasipala weTheku usebenzise inkundla yawo kanokusho kuleli dolobha ukuthi isingathe ingqungquthela obekuxoxwa kuyo yona le ndaba yokubumbana kwezinhlanga ezahlukene.
Yonke le mizamo siyishayela ihlombe ngoba noTata uMandela yilo ivangeli asishiya nalo lelo, nokwakuyiphupho elikhulu lakhe lokubona izinhlanga zibumbene, kungekho ocwaswa ngokobuzwe nobuhlanga.
Nokho ke lo nyaka siwuvule ngegiya elikhombisa ngokusobala ukuthi abanye bethu basabona abanye njengezilwanyana nje futhi abakugcini nasezinhliziyweni lokho kuzonda kwabo, kodwa banesibindi sokukukhiphela umhlaba wonke. Thina esiphila ngeZwi leNkosi siyosizwa yikho ukuma kulo uma selithi ungabuyiseli okubi ngokubi.
Ngicabanga ukuthi le mikhankaso yokubuyisana, okuchithwa nemali eshisiwe ihlelwa, isakhombisa khona belu ukuthi asifuni ukubuyisela okubi ngokubi kodwa sifuna izizukulwane ezizayo zaleli lizwe lethu zisibale thina esiphila namuhla njengalabo ababuyisela inzondo eceleni, salwela ukuthi sithandane futhi sithathane ngokulinganayo ngaphandle kokubheka ibala.
Le ndlela esiyihambayo yokubuyisana nokulwa nokubandlululana iseyinde futhi ayilula neze ngoba le nzondo yakhelwe edwaleni leminyaka ngeminyaka yobandlululo, obelulotshwe nasemabhukwini amakhulu akuleli phambilini.
Imizamo yokubuyisana nokuhlanganisa abezinhlanga ezahlukene efana nale esanda kwethulwa yiqembu lebhola lombhoxo laseThekwini amaSharks, wokuthi idlale eminye yemidlalo yayo yeCurrie Cup emalokishini aseThekwini, yinhle kakhulu.
Empeleni ngiyazibuza ukuthi kule minyaka engu-22 edlule sathola inkululeko besilindeni singakwenzi okufana nalokhu okwenziwa amaSharks ngoba uMadiba washeshe wayikhomba indlela.
Ngiyacabanga ukuthi ukube leli gxathu elithathwe amaSharks aliqala ngo-1994, mhlawumbe ngabe uNgqongqoshe wezeMidlalo kuleli, uFikile Mbalula, akakushongo lokhu akusho ngezinye izinhlangano zezemidlalo ngesonto eledlule.
Ethula umbiko wakhe othinta uguquko nokumeleleka kwazo zonke izinhlanga emidlalweni emikhulu kuleli, uMbalula uveze isithombe esingesihle ngezinga lwalolu guquko uma kukhulunywa ngombhoxo, ikhilikithi nezejubane.
UMbalula ube esebalula ukuthi izinhlangano eziphethe le midlalo ngeke zinikezwe igunya lokukhankasela ukusingatha imidlalo emikhulu yamazwe omhlaba kuleli ngoba lusahamba ngonyawo lonwabu uguquko kubadlali bezinhlanga ezahlukene ababandakanyeka kule midlalo.
Ukukhuluma kanje kukaMbalula kukhomba ngokusobala ukubaluleka kwaleli gxathu lamaSharks. Ngiyethemba ukuthi ukuyodlala elokishini akuzokuba wukuphela kobudlelwano obuphenjwayo.
Ngiyafisa ukubona ngelinye ilanga amaSharks exhasa imiqhudelwano yamaqembu ombhoxo azophembeka emalokishini ngokusondeza kwabo lo mdlalo. Lokhu kungawenza ube lula umsebenzi wokuthola abamnyama okungaguqula isimo lo mdlalo osabukeka ngaso njengamanje.
Ukudlala elokishini akuphelezelwe ngezinye izinto ezizogqugquzela abamnyama ukuthi nabo bazizwe beyingxenye yalo mdlalo. Masizwe ngamaqembu nabadlali abavukuzwe yilo mkhankaso, kube khona esiyobakhomba eminyakeni ezayo ukuthi baze bayodlala kumaSpringboks ngenxa yokuzisondeza kwesikhondlakhondla esingamaSharks kubantu.
Uma kungenzekanga lokho lo mkhankaso uyofana nento efile, njengezinye izinto eziningi ezenziwayo ukuhlanganisa izinhlanga kodwa kugcine kungachumanga lutho.
Nathi thina bendlu emnyama akumele simele kude sisonge izandla silinde ukuthi konke kulethwe kithi ngethileyi. Akuthi uma amaSharks esondela kithi nathi sisondele kuwo nemibono ephusile ezobuqinisa lobu budlelwano ukuze kusizakale izingane zethu.
Siyethemba futhi ukuthi izinhlanga ezilandela amaSharks zizokwamukeleka ngendlela uma edlala emalokishini. Ukuqinisa ukwazana kwezinhlanga ezahlukene namasiko azo makwande nalapho kuhlala khona izibukeli, sonke sibe yinto eyodwa.
Kungakuhle futhi ukuthi imikhankaso yokuhlanganisa izinhlanga efana nale kungabi yizinto zesikhashana, esibuye sizilaxaze uma sibona sengathi kunezihibe. Le ndlela yokubuyisana ayisoze yaba ngelula ngoba kuzo zonke izinhlangothi bakhona labo abangafuni ukubona ushintsho nokuzwana kwabantu bezinhlanga ezahlukene kuleli.