ZANELE MTHETHWA
A KUCACI ukuthi azovulwa nini amathuna aseSeventini eMlazi, osekuphele izinyanga eziyisithupha avalwa ngenxa yokuhlaselwa kwabasebenzi bakaMasipala weTheku, okusolwa ukuthi kwenziwe umphakathi ofuna ukuqashwa ngenkani.
Phezu kokuba umasipala ukhala ngengwadla yokushoda kwezindawo zokungcwaba, eSeventini kusalokhu kumile ukungcwaba ngoba abasebenzi bashaya phansi ngonyawo bathi ngeke baqale kungaqinisekiswanga ukuphepha kwabo.
Ngonyaka odlule abasebenzi bahlaselwa ngabantu abebehlomile okusolwa ukuthi ngamalungu omphakathi. Kuthiwa basabisa abasebenzi bakamasipala befuna ukuqashwa ngenkani.
La mathuna amadala eThekwini abesetshenziswa umphakathi waseMlazi namaphethelo, okuyilokishi elikhulu esifundazweni. Kusukela avalwa umphakathi waseMlazi nomakhelwane bawo, uphoqeleka ukuyongcwaba kwezinye izindawo, ezikude.
Kuwona la mathuna ngonyaka odlule kwaphinde kwavela izinsolo zokuthi kunomkhonyovu wokudayiswa kwemigodi nokumbiwa kwamabhokisi. Ngesikhathi umasipala uthatha isinqumo sokuwavala, uMnuz Thembinkosi Ngcobo oyiNhloko yemaPaki, ezokuNgcebeleka namaSiko kumasipala, wathi bazozama ukuqinisa ezokuphepha ukuze abasebenzi babuyele sebekhululekile. NgoSepthemba wonyaka odlule waveza ukuthi uphakamise ukuthi kubekwe eceleni ibhajethi ka-R5 million ezosiza ukuqinisa ezokuphepha nokwandisa onogada namakhamera ezindaweni zikamasipala, okubalwa namathuna. Uthe kuzoqalwa ezindaweni ezidlange kakhulu ngobugebengu okuyiseMlazi naseRedhill lapho kuhlaselwa khona abasebenzi babo.
Izolo ukuqinisekisile kuleli phephandaba ukuthi amathuna asavaliwe futhi akukacaci ukuthi azovulwa nini.
“Amathuna aseSeventini asavaliwe ngenxa yokusatshiswa kwabasebenzi. Siphezu kwalo udaba lokulungisa lesi simo ukuze abasebenzi bethu baphephe. Kumanje batshalwe kwamanye amathuna ahlukene kusukela bashiya eSeventini. Amathuna makhulu okuyingakho kumele kuhlelwe kahle ezokuphepha ngoba abahlaseli basuke behlome bephelele,” kusho uNgcobo.
Ubuzwe ukuthi njengoba amathuna evaliwe, imindeni efuna ukuzovakashela amathuna ivunyelwe yini.
“Imindeni ivumelekile ukuvakashela amathuna kodwa nakhona kumele abantu bazi ukuthi uma beya, bazithathela bona amashansi ngoba akuphephile,” usho kanje. UNgcobo ubengomunye wabaphelezele iMeya yeTheku uMnuz James Nxumalo ngoLwesibili, evele phambi kweKhomishini eVikela iNkolo, Izilimi noMphakathi eThekwini. UNxumalo ubezochaza ukuthi kungani umasipala kumele ungcwabe emathuneni osekuvele kungcwatshwe kuwo.
Utshele ikhomishini ukuthi umasipala ubhekene nengwadla yokushoda kwezindawo zokungcwaba, osekwenze ukuthi kuphinde kungcwatshwe kwaseneminyaka elishumi kwangcwatshwa kuwo.
UNxumalo uthe sekuvalwe izindawo zamathuna ezingu-48 ngenxa yokugcwala sekusele ezingu 17 nazo ezizogcwala maduze.