S’MANGELE ZUMA
K USOLWA ukuthi kube nokudonsisana phakathi kwezigebengu nosomabhizinisi waseMlaza obezoshadelwa maduze otholwe evenini yakhe eseshonile enamanxeba okudutshulwa ngoMsombuluko ebusuku.
Kuthiwa uMnuz Sanele Ndlovu (34), ongumnikazi we-Eyethu Heel and Key Bar esenxanxatheleni yezitolo KwaMnyandu, uhlaselwe ngabalisa abangaziwa abekade bezama ukumduna iveni kwa-D eMlaza ngesikhathi eyolanda ingoduso yakhe uNksz Nonhlanhla Xaba (32) emsebenzini.
Umndeni kaNdlovu, obezoshada ngoJuni 16 eMontclair, eThekwini, ususele nejoka lokwazisa zonke izimenywa ukuthi awusekho umshado.
Uyise kaNdlovu, uMnuz Amros Ndlovu (72), uthe kufike amaphoyisa kwakhe ngezintatha zangoLwesibili emazisa ukuthi kutholakale iveni iChevrolet Corsa Utility linomlisa obeseshonile.
“Bathe evenini bathole ikheli lala ekhaya okwenze ukuthi bafike njengoba ucingo lukaSanele belungasekho. Sibe sesiphuthuma lapho etholwe khona safica isidumbu sakhe sesithathiwe. Ngisola ukuthi laba abamdubulile bebezama ukumduna imoto kodwa wagoloza. Imoto itholwe igingqikile, okungenzeka ukuthi besebevele bemdubulile. USanele uphume ekhaya sekuzoshaya ihora leshumi ebusuku, eyolanda umakoti eGalleria,” kusho uNdlovu.
Uthe umndeni uthinteke kakhulu ngokubulawa kwendodana yakhe njengoba namalungiselelo omshado abesephothuliwe.
“USanele ubezoshada esontweni ngoJuni 16, ngakusasa kube nomabo. Izincwadi zezimemo bese sizikhiphile. Umakoti ubesevele ehlala la ekhaya. Asikwazi nokumbheka.”
Kuthiwa umufi ushiye izingane ezimbili, eneminyaka ewu-11 nenonyaka.
UNksz Xaba uthe ngeke akwazi ukukhuluma ngesikhathi ethintwa ngoba usahleli nabantu abebefike ukuzomkhalisa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uMajor Thulani Zwane, uthe amaphoyisa aphansi phezulu athungatha abalisa abathathu abasolwa ngokubulala uSanele bezama ukumphuca imoto ngabo-11 ebusuku.
“Kuthiwa umufi uzamile ukubaleka ngesikhathi befuna ukumduna imoto kodwa bamdubula, okuholele ekutheni imoto iphaphalaze. Abasolwa babe sebemkhuthuza bathatha izinto zakhe. Amaphoyisa aseMlaza aphenya icala lokubulala. Akukaboshwa muntu.”