MHLENGI SHANGASE
A ZOPHELA amahlathi okucasha kulabo abagoloza ukukhokhela isikhwama esixhasa abafundi ngemali emanyuvesi iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS) njengoba kunezinhlelo zokuthi imali ibanjwe emsebenzini.
Lesi sikhwama sikweletwa u-R21 billion kanti incane kakhulu imali esiyiqoqayo.
U-R10 billion wale mali ukweletwa abafundi abasebenzayo asebathweswa neziqu kuthi omunye u-R10 billion ukweletwa ngabasafunda.
Usihlalo walesi sikhwama, uMnuz Sizwe Nxasana, uthe banezinhlelo zokuqoqa imali ekweletwa ngabafundi.
Uthe ngalezi zinhlelo bakwaze ukuqoqa u-R8.5 million kubafundi abangu-12 000 abebeqala ukukhokha ngonyaka odlule.
Okhulumela umnyango weMfundo ePhakeme, uMnuz Khaye Nkwanyana, uthe banqume ukuyithatha emsebenzini kulabo abagoloza ukuyikhokha.
Uthe njengoba kwavalwa uhlelo lokufaka abangakhokhi kuma-credit bureau ayikho enye indlela abangayisebenzisa yokuqoqa imali.
“Siqale sikubhalele izincwadi sikucele ukuthi ukhokhe uma kuhluleka yonke le mizamo bese siya kumqashi wakho sifune ibanjwe inyanga nenyanga. Kuba buhlungu uma isibanjwa nyanga zonke ngoba isuke isinkulu kakhulu awukwazi ukunqaba. Yingakho sithi abantu abazizele bona baqale bakhokhe le mali singaze sibabambele yona emholweni,” kusho uNkwanyana.
Sekuqanjwe netemu elithi “abafundi ababuyise imali” ukuze kuxhaswe abanye abafundi.
UNxasana uthe uhlelo lokubuyisa imali aludli kakhulu ephaketheni ngoba kuze kukhokhwe uma umuntu esehola u-R30 000 ngonyaka.
“Uma uhola u-R30 000 ngonyaka ukhokha u-R900 okusho ukuthi ngenyanga ukhokha u-R84 kuphela. Uma uhola kusuka ku-R59 300 ngonyaka ukhokha u-R4 744 ngonyaka owenza u-R395 ngenyanga,” kusho uNxasana.
UNxasana uthe bazokhokhela izikweleti zabafundi kusuka ngo-2013 kuze kube wunyaka odlule.
“Lezi zikweleti sizibekele u-R2.543 billion kanti ezisukela ku-2013. Amanyuvesi kuzomele azibonele eyenzalo ngoba ngeke siyikhokhe njengoba sizokhokha kuphela imali eyathathwa ngumfundi hhayi inzalo kusuka ngo-2013 kuze kube yimanje,” usho kanje.
Uthe kulo nyaka wezimali lesi sikhwama sino-R14.82 billion sisuka ku-R10 billion wangonyaka odlule.
“Sijube abasebenzi abangu-23 abazosiza abafundi emanyuvesi. Siqeqeshe nalabo abakhipha izimali ezikhungweni zemfundo ukuze benze lo msebenzi ngendlela,” usho kanje.
Amanyuvesi namakolishi asenikwe u-R1.8 billion ukubhekana nokubhaliswa kwabafundi kanti akekho umfundi ozoshiywa ngaphandle kulabo abaxhaswe yilesi sikhwama.
Uthe abafundi abazoxhaswa yilabo abantulayo abadinga usizo.
“Uxhaso lwethu luzobheka ngqo kubafundi abaswele labo abaqhamuka emindenini ephila kahle ngeke sibaxhase,” kusho uNxasana.
Kusuke umsindo abafundi befuna imfundo yamahhala kuwona wonke umfundi kuleli.
I-ANC noNgqongqoshe walo mnyango uDkt Blade Nzimande banxuse abanamandla okuzikhokhela ukuthi bakhokhe.