Kuzoklonyeliswa osomabhizinisi besifazane emikhakheni eyehlukene

Comment on this story

BONISWA MOHALE

SEZIHUBELA sakusha ngomcimbi omkhulukazi oklomelisa osomabhizinisi besifazane owenziwa yi-Business Women’s Association (BWA).

Lo mcimbi ozoba ngoJuni 13 ehhotela i-Coastlands eMhlanga, kulindeleke ukuba uhloniphe osomabhizinisi abasiza umphakathi, yilabo abasathuthuka nabesifazane abasebenzela izinkampani ezinkulu.

Uphiko lwaseThekwini lwe-Business Women’s Association lukhiphe uhla lwabesifazane abangu-16 abazobe bencintisana emikhakheni ehlukene.

USihlalo we-BWA eThekwini u-Farzanah Mall, uthe lo mncintiswano waqala ngo-2001 kanti inhloso yawo wukuhlonipha nokugqugquzela abesifazane abenza kahle emikhakheni ehlukene.

Uthe laba besifazane abaqokwayo bathathwa njengezibonelo ezinhle emphakathini.

Emkhakheni wosomabhizinisi abasebenzela umphakathi kukhona uDkt Thandeka Mazibuko onenhlangano i-Sinomusanothando. Le nhlangano isiza abanomdlavuza emakhaya.

Uzobe encintisana no-Denise Towell we-Reach for a Dream Foundation noCarey Moran.

Emkhakheni wosomabhizinisi abasathuthuka kukhona uNokuthula Dladla onenkampani eyenza amabhodi omgwaqo iMegaphase Road Marking and Traffic Signs.

Uzobe egaqele lesi sicoco noRoxanne Krause no-Mitisha Sewpersad.

Kosomabhizinisi asebezimele kukhona u-Beverley Gumbi onenkampani evuselela amakhonteyna, Isivuno Container Business.

Uzobe encintisana noNishi Singh wenkampani yonogada uBhejane Security noLoisa Garland-Els wenkampani i-Imperial Armour.

Kwabesifazane abasezikhundleni eziphezulu ezinkampanini ezinkulu kukhona uKhanyisile Gasa oyisikhulu esiphezulu senhlangano yosomabhizinisi i-Enterprise Ilembe.

Le ntokazi yakwaGasa iqhathwe noShamina Krishnaswamy oyi-Accounts Manager ye-Roro Terminal kwaTransnet eThekwini.

Kukhona noRonelle Pillay oyiRegional Revenue and Sales Manager kwaTsogo Sun.

Umkhakha wokugcina ngowabesifazane abasebenzela izinkampani ezizimele kanti kuwona kuncintisana u-Nishi Chetty, Vimlesh Rajbansi, Michelle Naidoo noShamla Pather.

Umncintiswano we-BWA uxhaswe yibhange iNedbank nenkampani yezokuxhumana u-Telkom.

Uma ufisa ukuba yingxenye yomcimbi thinta uCatherine Smith we-BWA ku-031 563 8496 noma uthumele e-mail ku: [email protected]


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.

  5. Verified email addresses: All users on Independent Media news sites are now required to have a verified email address before being allowed to comment on articles. You are only required to verify your email address once to have full access to commenting on articles. For more information please read our comment guidelines