BONISWA MOHALE
U GEQE amagula owayengumngani wekhansela laKwaNdengezi elibhekene necala lokubulala nelokuhlela itulo lokubulala owayenguSihlalo wenhlangano Abahlali baseMjondolo, uNksz Thuli Ndlovu, owabulawa ngoSepthemba ka-2014. Lo mngani uveze ukuthi wayethenjiswe umsebenzi kwamasipala nendlu yomxhaso uma ekhombisa inkabi umufi.
UMnuz Sthembiso Prosper Ndlovu, owayengumngani wekhansela uMnuz Mduduzi Nqola Ngcobo, ungene enkantolo eqashwe ngamaphoyisa amahlanu abehlome ngezibhamu, wagonyuluka eveza ukuthi umngani wakhe wamthembisa umsebenzi kwamasipala nendlu yomxhaso uma esiza “ozoshaya” uNksz Ndlovu.
Uthe ukushaya yigama elisho ukubulala elalisetshenziswa emhlanganweni oyisipesheli owabizwa nguNgcobo ngesikhathi ebatshela ukuthi kumele kususwe uNksz Ndlovu owayekhipha abantu emixhasweni ekwaThokoza, KwaNdengezi.
Ubufakazi bukaSthembiso Ndlovu bushaqise abenhlangano yabaHlali baseMjondolo akade begcwele enkantolo bezothamela icala likaMnuz Mlungisi Ndlovu ongumsolwa wokuqala, uMnuz Mduduzi Ngcobo ongumsolwa wesibili noMnuz Veli Lutyeku ongumsolwa wesithathu.
UNdlovu uveze ukuthi umsolwa wokuqala wayengeyena umngani womsolwa wesibili nowesithathu kodwa uze wabajwayela ngesikhathi sebehlela ukubulala uNksz Ndlovu.
Ngokusho kukaSethembiso Ndlovu, umsolwa wokuqala wathenjiswa u-R15 000 uma eshaya uNksz Ndlovu futhi wadonswa ngendlebe ukuthi acophelele uma esenza lo msebenzi.
“Ikhansela elingumsolwa wesibili langibizela emahhovisi alo ngo-6 ekuseni lathi kumele kushaywe uNksz Ndlovu ngoba wayengafuni ukuthi kuhlale abantu bakwezinye izindawo emixhasweni ekwaThokoza.
“Bekwaziwa ukuthi ikhansela alizwani nomufi ngenxa yalolu daba lwemixhaso. Mina ngafika emhlanganweni kukhona umsolwa wokuqala, owesibili nowesithathu bedingida lolu daba. Umsolwa wokuqala wathenjiswa u-R15 000 uma ebulale usisi Thuli, mina ngathenjiswa umsebenzi kwamasipala nendlu yomxhaso. Bengivele ngilazi ikhansela ngoba lingumakhelwane wami futhi bengiye ngilenzele izimemezelo zomhlangano womphakathi.
“Umsebenzi wami kwakuwukukhombisa umsolwa wokuqala uNksz Ndlovu, bese yena emshaya kungakapheli uSepthemba,” kusho uSthembiso Ndlovu.
Uthe umsolwa wokuqala waphazamiseka eyobulala umufi okokuqala njengoba wafica kwakhe kugcwele abantu waze waphumelela uma esezama okwesibili.
“Umsolwa wokuqala wangitshela ukuthi wafica umufi (Nksz Ndlovu) emi nomunye ubhuti wase edubula loyo bhuti kabili esiswini. Wabaleka wangena kwelinye ikamelo. Wasala nomufi owayephethe ingane yakhe enonyaka wadubula umufi wadedela ingane. Wangitshela ukuthi konke lokhu wakwenza ngaphandle kokuthinta ingane,” kusho uNdlovu.
Phambilini kufakaze uNkk Khemani Ndlovu ongunina kaNksz Thuli Ndlovu okhale ngokuthi wafica umzukulu wakhe ononyaka ebuka isidumbu sikanina.
Washo nokuthi wambona umuntu owadubula indodakazi yakhe enyamalala esikhotheni.
Icala liyaqhubeka eNkantolo eNkulu eThekwini.