UHLELO olwaluhlose ukuvuselela ngomculo wokholo seluphenduke inkundla yokuxazulula izinkinga zabalaleli emsakazweni womphakathi, umsakazi walo osezuze nezindondo ezahlukene.
I Dumisa Nathi Gospel Show engena ngeSonto ngo-6 ekuseni kwiVibe FM isizakhele udumo kubalaleli ngokudingida izihloko ezahlukene, ezinye ezibashiya bekhihla esikaNandi. Lolu hlelo olwethulwa uWiseman Mpunzana waKwaDukuza, ludlala umculo wokholo luphinde lube nezikhulumi ngezihloko ezahlukene. Kuphinde kube nesimenywa esifunda i Bhayibheli sihlaziye nentshumayelo ukuvuselela abalaleli.
Exoxa ngokuqala kwalolu hlelo, uMpunzana onguthisha eMelville Primary School, uthe waqala ukusakaza kwiVibe ngo-2009 bebathathu ohlelweni. Wabuye wangena yedwa kusukela ngo-2010 kuthiwa akadlale kuphela umculo opholile oxubile, athe wabona ukuthi kuzomehlula.
“Ngabona ukuthi ngenxa yokuthi ngiwumuntu weGospel kuzongehlula ukudlala olunye uhlobo lomculo ohlukile. Saxoxisana nabaphathi besiteshi bathi kungcono ngidlale i-International Gospel kodwa nayo kwabonakala ukuthi ngeke kudlalwe yona yodwa ngagcina ngidlala u-90% wayo,” echaza.
Uthe uhlelo lwanyukela kwelinye izinga esedlala umculo wokholo oxubile ohlelweni aluqamba ngokuthi Umthombo Wempilo.
UMpunzana uthe naye wagcina emangala indlela uhlelo olube nesasasa ngayo ngoba belungalalelwa amakholwa kuphela. Ngo-2014 uhlelo lwashintsha igama lwabizwa nge Dumisa Nathi Gospel Show ngo-6 kuya ku-10 ekuseni yize uMpunzana ethi akushintshanga umongo walo.
“Uhlelo luyakhula kakhulu, namanje ngishayelwa ngisho abasejele, abanye bangitshele ukuthi basonta ngalo uhlelo. Ukuba kwami kulolu hlelo kungikhombise ukuthi abantu bathwele ngenxa yezinkinga. Kwesinye isikhathi ngihlangana nabo ngesikhathi sami ngibafunele nosizo,” kusho uMpunzana.
Yize engakaze aqeqeshelwe ukuba ngumsakazi kodwa uthi ubevele ewuthanda umsakazo njengomlaleli. Ngaphambi kweVibe FM wayesakaza esiteshini somphakathi samakholwa iGood News, eVerulam. Ngo-2011 wathola indondo kumaSABC Crown Gospel Music Awards ngenxa yalo uhlelo, ngo-2012 waphuma kwiTop 4 kumaMTN Radio Awards eGoli. Wabuye wahlonishwa kumaMayoral Awards, KwaDukuza nakwiNdondo Awards, eMgungunndlovu. NgeSonto ubehlonishwa KwaDukuza kuma-Life Changers Awards ngeqhaza alenze ukushintsha impilo yabantu. Uma engekho emsakazweni ukhonze ukusebenza nomphakathi futhi unesikhundla sokuba yi-Elder ebandleni. Ngenxa yomsebenzi wakhe emsakazweni abanye bambiza ngomfundisi nokho yize ekuthatha njengobizo ukusakaza.