Jasson Urbach
KUSASA uNgqongqoshe wezeziMali uNhlanhla Nene uzokwethulela iPhalamende isabelo-mali.
Izakhamuzi eziningi nabafuna ukutshala imali eNingizimu Afrika akungabazeki ukuthi bayazibuza ngokuthi uhlele kanjani ngemali yezwe. Njengoba uhulumeni ebhekene nesimo esingesihle sezomnotho, kuzophoqa ukuthi anyuse imali yentela ikakhulukazi kulabo abadla izambane likapondo.
Izingxoxo eziningi ezithinta intela zithi indlela entsha yokuqoqwa kwentela kumele ibe ngcono kunale ebikhona ekuqaleni. Kodwa akumele kugxilwe kulokho. Ukusebenza kwemali kahulumeni bekulokhu kunyuka kancane njengoba kusuka ku-10% wesambamkhiqizo sezwe (GDP) sango-1960 sekuze kwaba ngaphezu kuka-32%. Ukuzibeka ethubeni elingcono lokuthola uxhaso lwemali oludingekayo, uhulumeni kumele ngabe ufuna izindlela zokwehlisa intela ngandlela thize futhi ekwenzeni lokho kubalulekile ukuthi anciphise okuthize uma esethula isabelo-mali.
Ngakolunye uhlangothi njengoba kuhlezi kushiwo ukuthi uhulumeni kumele aklame indima ebalulekile emnothweni wezwe kodwa nomlando uyasho ukuthi umnotho wamazwe avumela osomabhizinisi nezakhamuzi zawo ezisebenza kanzima inkululeko yokusebenzisa amakhono azo iyona ndlela yokukhulisa umnotho wezwe ngokushesha.
Indlela engcono “engaholela” ekukhuleni komnothoi wukuvumela abantu basebenze, bonge bese beyayilondoloza imali yabo. Ngeshwa, imithetho ethinta abasebenzi eNingizimu Afrika ayihambisani nokuqashwa kwabantu abangenawo amakhono. Nentela ephezulu iyabavimba ukuthi babe nemali abayongayo. Uma usuhlanganisa yonke intela, abantu abaningi bakhokha u-40% emalini abayihola ngonyaka. Ngokujwayelekile, laba ngabantu abafaka isandla emnothweni wezwe ukuze kudaleke amathuba emisebenzi bese kuqasheka abantu abaningi.
UMnuz Milton Friedman ongasekho, nowawina indondo iNobel Prize, ngama-1960s waphakamisa ukuthi intela kumele yehliswe bese kugqugquzelwa abantu ukuthi basebenze, bonge imali yabo bese beyayitshala. Wakuvuma ukuthi abaningi abasuke bekhokhiswa intela enkulu bagcina sebethole izindlela zokuyigwema, abanye bakwenza ngezindlela ezisemthethweni, abanye basebenzise ezingekho emthethweni.