NONTUTHUKO NGUBANE
U SULWE izinyembezi zeminyaka unina wowesifazane owabulawa kabuhlungu yisoka layo lomlungu eminyakeni emibili edlule ngesikhathi iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu igweba leli soka odilikajele ababili neminyaka engu-15 ngaphezulu izolo.
UGerald Rosselloty (39) owayethandana noNksz Nokwazi Ntuli, ugwetshwe ngamacala amathathu abebhekene nawo okungelokubulala, ukudlwengula ingane yakhe eyayineminyaka eyisithupha ngaleso sikhathi nelokushisa indlu ngenhloso.
IJaji uRishi Seegobin likhipha isigwebo lithe kusobala ukuthi uRosselloty ngeke esafunda emaphutheni akhe, ngeke esahlumeleliseka isimilo sakhe ngoba kade ayewenza amacala kodwa isimo sakhe singashintshi.
“Ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane akwamukelekile emphakathini. Abantu abenza njengawe kumele bajeziswe kanzima ukuze kucace ukuthi abakwenzayo inkantolo ayihambisani nakho. Impilo yakho ayiwusizanga ngalutho umphakathi kodwa ilethe inhlupheko nosizi,” kusho uSeegobin.
IJaji ligcizelele ukuthi ayikho iminyaka eyophulwa kulesi sigwebo, lathi kumele lesi senzo sikaRosselloty sibe yisifundo nakwabanye besilisa. “Umuntu uphila kanye, uma usumbulele akakwazi ukubuya. UNokwazi icala lakhe linye, kwaba wukwethemba wena, wahlala nawe noma umhlukumeza. Wambulala ngesihluku esimangalisayo. Okubuhlungu kunakho konke wukuphika icala uze ulivume ekugcineni sekungasizi ngalutho. Ufanele wukujeza kanzima ususwe emphakathini,” kusho uSeegobin.
UNkk Busisiwe Madondo ongunina kaNksz Ntuli ujabulise okwengane encane emuva kwalesi sigwebo wathi usezokwazi ukuqhubeka nempilo yakhe ayeke ukuhlala ebalisa ngendodakazi yakhe ngoba ‘umbulali’ usezodonsa ejele impilo yakhe yonke.
“Ngijabule manje. Izinyembezi zami zeminyaka ngikhalela ingane yami zesuliwe namuhla. Inhliziyo yami ithola ukududuzeka manje umbulali wengane yami esezohlala ejele impilo yakhe yonke,” kusho uMadondo.
Uthe usezokwazi nokumxolela uRosselloty njengoba esezobhadla ejele.
“Sengizokwazi nokumxolela ngoba usezojeza ngamacala akhe. Ngesikhathi esakhala exoxa ngakwenza bengingenandaba. Njengoba esezohlala ejele angaphumi igwebu liyehla. Ngeke ngisakwazi ukulokhu ngibambe igqubu ngoba ingane yami ngeke vele isabuya,” kusho yena.
IJaji nomndeni kaNsz Ntuli bancome kakhulu igalelo lamaphoyisa aseHilton asebenze ngokuzikhandla ehlanganisa ubufakazi obuqanda ikhanda.