OSOMATEKISI bamabanga amade KwaZulu-Natal bathi bazowamangalela amaphoyisa abehlise isithunzi abalalisa phansi okwezigebengu ngesikhathi ebabopha eBlood River, eNcome, ngenyanga edlule.
Bathi futhi bazifuna la nezibhamu zabo ezashaqwa kade beboshwa.
Icala lalabo somatekisi lichithiwe enkantolo ngoLwesihlanu.
Isolezwe labika ngokuboshwa kosomatekisi abangu-95, eBlood River ngecala lokubuthana endaweni yomphakathi ngaphandle kwemvume. Ngesikhathi beboshwa batholakala nenqwaba yezibhamu, okubalwa kuzo nezinkulu ezizishintshayo.
Okhulumela labo somatekisi, uMnuz BM Mthembu, onguSihlalo kasoseshini waseDundee, uthe bazowamangelela amaphoyisa ngokubehlisa isithunzi.
Uthe izingane zabo bese zihlukumezeka ezikoleni kuthiwa obaba bazo bayiBoko Haram ngoba babonakala belaliswe phansi ngamaphoyisa ngesikhathi beboshwa kukhona nezibhamu eduze kwabo kuthiwa zitholakale kubona.
“Amaphoyisa ayeqhosha esibophile aze asabalalisa nezithombe zethu kwabezindaba kanti le nto asibophela yona ayikho, okubuhlungu wukuthi abanye bethu balahlekelwa yimali ngesikhathi siboshwa,” kusho uMthembu.
Uthe bayazifuna izibhamu zabo njengoba icala selichithiwe enkantolo.
UMthembu uthe iningi lamalungu abo ngabantu abadala futhi abafundile.
“Kuthina kukhona nodokotela, abanye bethu banemfuyo enzima njengoba amaphoyisa esiphathisa okwezigebengu,” kusho uMthembu.
Uthe zonke izibhamu ezathathwa kubona zinabanikazi bazo.
“Lezi ezinkulu ngezonogada. Banemvume yokuziphatha, awukho umthetho owaphulwa,” kusho uMthembu.
Uthe bona babeseBlood River beqhuba umsebenzi wabo wokugada umsebenzi njengawo wonke amabhizinisi.
Uthe banenkinga yososeshini abangamahlathi abantshontsha abagibeli bagcine sebebabulalela ibhizinisi.
“Ibhizinisi bese lifile ngenxa yamahlathi ososeshini. Kusukela siqale ukugada umsebenzi akusafani,” kusho uMthembu.
Uthe emgwaqweni kuba khona abantu abathathu, abanye bahlala ezimotweni ngababili. Ubechitha isitatimende samaphoyisa sokuthi babuthana endaweni yomphakathi.
Okhulumela amaphoyisa, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe izibhamu zosomatekisi zathathwa ukuze ziyohlolwa ukuthi azinawo yini amacala.