ZANELE MTHETHWA
K UDALA bekungelona ihlazo ukubona owesifazane ethulisa ingane ngebele ngisho phambi kwabantu kodwa abesifazane bamanje bathi bazithola benengcindezi nokubukwa kabi uma bekwenza.
Phezu kokugqugquzelwa kwabesifazane ukuthi bancelise ibele elinomthelela omuhle ekukhuleni kwengane, kubonakala kusayinkinga ngenxa yempilo yesimanje.
Umphumela wocwaningo olwenziwe yiLancet Series muva nje uveze ukuthi ukuncelisa ibele kungavikela izingane ezingaphezu kuka-800 000 ekufeni, okuyingakho kukhuthazwa.
Ingabe lokhu kusho ukuthi ungazikhiphela ibele noma yikuphi uncelise ingane noma kumele lokhu ukwenze ngasese?
Ngonyaka odlule sasusa umsindo isithombe sowesifazane owazishutha encelisa ingane yakhe maqede isithombe wasifaka kuFacebook.
Isithombe sikaNksz Emma Bond (24), okuthiwa salandelwa yizinkulungwane kuFacebook, asithandwanga ngabanye okwenza sigcine sisuswa.
Kuthiwa kunabathize abafaka isikhalo ngokuvezwa kwalesi sithombe abathe sikhombisa ubunqunu ngoba kuvele ibele.
Akuphelanga sikhathi sakhishwa kuFacebook.
Nokho abanye abalandeli bakaBond abangahambisananga nalesi sinqumo nabo bafaka esabo isikhalo bethi abayiboni inkinga ngesithombe.
Abanye bathi empeleni lesi sithombe sizogqugquzela nabanye omama abasazenyeza ngokuncelisa ibele.
UNksz Mandisa Dlamini (25) uyavuma ukuthi akuselula ukuvele uncelise noma yikuphi ngoba abanye bakubona sengathi awuphucuzekile.
“Uyazibonela nendlela abantu abakubuka ngayo, ikakhulukazi bona abesifazane abakubona sengathi uyiqaba uma ukhipha ibele.
“Kwesinye isikhathi uze uncamele ukukhipha ibhodlela uncelise lona ingane. Ngicabanga ukuthi kwenziwa yisikhathi esiphila kusona lapho nathi sesizenyeza nangezinto ebezenziwa ngabazali bethu. Sakhula kungelona ihlazo ukuncelisa noma yikuphi,” usho yena.
UNksz Dlamini, onendodakazi enezinyanga ezine, uthi uyincelisa akhululeke uma esekhaya kodwa uma esendaweni yomphakathi ufuna indawo esithele.
“Ngike ngaba senkingeni ingane yakhala ngisesontweni kugcwele, ngaphoqeleka ukuthi ngiyoyincelisa emnyango.
“Yize kungekho owathi ngingancelisi esontweni, nami ngiyazenyeza ngoba kusuke kugcwele nabantu besilisa,” usho kanje.
Uyakuncoma okwenziwa ngabanye omama abancelisayo athi bamboza ngokuthize ibele ukuhloniphisa uma besemphakathini.
Inhlangano ebhekelele ezobulili iSonke Gender Justice Network ithe iyahambisana nokuthi abesifazane bakhuthazwe ukuncelisa ibele kodwa kumele uhulumeni abeseke.
UMnuz Andre Lewak uthe uhulumeni kumele abe nemigomo ezovumela abesifazane ukuthi bancelise nasezindaweni zomphakathi.
“Uhulumeni wakwenza nangomthetho wokubhema, kumele uhulumeni enze okufanayo nangokuncelisa.
“Kumele kukhuthazwe ukuthi abesifazane bancelise nasemphakathini ngokuthi benzelwe izindawo zabo,” kusho uLewak.