FANELESIBONGE BENGU
I KINGS Of The Weekend (KOTW), uSphectacula noNaves, ithe ukunganqobi kumaMetro FM Music Awards yize ibiqokwe kahlanu ngeke kuyithene amandla kunalokho kuzoyenza isebenze kanzima.
I-KOTW ibiqokwe kahlanu emunxeni weBest Dance Album, Best Collaboration, Best Duo or Group, Best Music Video, noweSong of The Year kule miklomelo ebise-ICC, eThekwini, ngempelasonto.
LaboDJ, bodumo lwengoma ethi: C ishe Ngafa abapike kuyo uProfessor, bebengazibekile phansi bekhankasa ezinkundleni zokuxhumana benxusa abantu ukuthi babavotele.
USphectacula uthe yize behlulekile kodwa abaphathekanga kabi kakhulu ngoba yinto abebeyilindele.
“Besilindele noma yini. Sizizwa sithinteke emoyeni kakhulu ngokuqokwa kangaka.
“Ukuqokwa kahlanu nge-albhamu yokuqala yinto enkulu,” kusho uSphectacula.
Uthe basazoqhubeka nokungenela eminye imiklomelo njengamaSama.
“Uma kwenzeka ukuthi asiwini nakweminye imiklomelo sisazoqhubeka nokusebenza kanzima.”
Uveze ukuthi njengamanje baphusha ingoma yabo entsha ekwi-albhamu yabo i Kings Of The Weekend, ethi Abantu Babantu okucula kuyo u-Arny Mkhize noStar.
“Lena yingoma yokujabula, yokuthi sizihleke thina njengabantu ngoba njalo sihlale sicabanga ngezinto ezijulile.
“Ididiyelwe yithi ngokubambisana noDJ Lusiman wengoma ethi Yamnand’into.
“Njengomuntu waseThekwini bengifuna ukuthi kube khona igqomu kwi-albhamu yethu ngoba liyingxenye yosikompilo lwethu eThekwini,” kusho uSphectacula.