UKHALA ngolaka lomqeqeshi we-Orlando Pirates uMuhsin Ertugral umdlali oyibambe kulo mqeqeshi esagijima kuLamontville Golden Arrows.
UJoseph Musonda uxoxe kabanzi naleli phephandaba ngalo mqeqeshi odabuka eTurkey. Ngesonto eledlule kusuke isidumo esikhumulweni sezindiza ngesikhathi u-Edwin Gyimah ejikijelana ngamazwi no-Ertugral.
IPirates ibiphuma emdlalweni weligi obuseCape Town Stadium, eKapa lapho ibidlala khona ne-Ajax Cape Town. UMusonda exoxa naleli phephandaba eSouthern Sun Ridgeway eLusaka, eZambia ngoMgqibelo ebusuku ubabaze ulaka luka-Ertugral.
“UMuhsin ungumqeqeshi osezingeni eliphezulu. Yizwa ngami uyalazi ibhola kodwa inkinga yakhe wulaka. Abadlali abafani ebholeni. Kunabadlali ongabathethisa phambi kwabanye bangabi nankinga, kunabadlali abangayifuni nhlobo indaba yokuthethiswa phambi kwabanye. UMuhsin-ke akanandaba uma edinwe ngaleso sikhathi akakufihli ukudinwa kwakhe noma kungathiwa kugcwele kangakanani. Akazame ukwehlisa ulaka ngoba abadlali asuke ebathethisa ngabantu abadala. Ngokwami ngicabanga ukuthi uma engeneme ngento ethize kumele abize umdlali eceleni amtshele ukuthi akeneme ngezinto ezithize,” kusho uMusonda.
U-Ertugral usexabane nenqwaba yabadlali kule minyaka edlule ngenxa yolaka. Kubadlali ake asusana nabo kukhona uMabhudi Khenyeza noNhlanhla Kubheka.
Njengamanje uMusonda uyibamba kuNkana egijima kuZambian Super League. Leli phephandaba lihlangane naye ngesikhathi iqembu lakhe lihlezi eSouthern Sun kwazise belikade linomdlalo weBarclays Cup okuyisicoco somkhumulajezi saseZambia.
ENingizimu Afrika ushiye ekupheleni kwesizini edlule. Lo mdlali oyibamba emuva bese edlala kuPolokwane City.
“Ngisazimisele ngokubuyela eNingizimu Afrika. Ngiyayikhumbula kakhulu iNingizimu Afrika ikakhulukazi iTheku. Indaba yokuthatha umhlalaphansi akuyona into esemqondweni wami njengamanje. Ngiwumqemane futhi umzimba wami usesimweni esihle kakhulu. NgoJanuwari ngizimisele ngokuthola iqembu eNingizimu Afrika. KuPolokwane ngixoshwe yipolitiki yakhona,” kusho uMusonda.
Ingwazi yomqeqeshi esidle izicoco ezine zeligi eNingizimu Afrika, uGordon Igesund, iyona ezothatha izintambo njengomqeqeshi omusha weZambia. UMusonda odlale imidlalo engaphezu kuka-100 eqenjini lesizwe laseZambia ululeke u-Igesund ngalesi sikhundla.
“Ngiyazi ukuthi ungumqeqeshi oseqophelweni eliphezulu. Ngicabanga ukuthi uzofika aphumelele lapha eZambia ngoba kunenqwaba yabadlali abasalambele impumelelo. Abadlali baseZambia bayazinikela kakhulu futhi yikona okuzokwenza umsebenzi kaGordon ube lula,” kusho uMusonda.
UWedson Nyirenda uzobamba izintambo kuze kufike u-Igesund azoba yiphini lakhe. UGeorge Lwandamina obecija iqembu lesizwe laseZambia usezogxila kuZesco United enethuba lokudlulela kowamanqamu weCaf Champions League. ULwandamina ubencelisa amawele.