NONTUTHUKO NGUBANE
K UVELE ukuthi bese lilobola omunye wesifazane iphoyisa eliboshelwe icala lokubulala inkosikazi yalo engumhlengikazi ngeledlule.
UNkk Thabisile Doyisa (46) wadutshulwa eqeda ukungena emzini wakhe oseNapierville, eMgungundlovu, ephuma emsebenzini.
Umyeni wakhe, uMnuz Nkosinathi Shangase (43), osebenza ophikweni lwePublic Order Policing (POP) eMgungundlovu, uvele izolo eNkantolo yeMantshi eMgungundlovu ngecala lokubulala.
Icala lihlehliselwe uMeyi 4, usuku ayocela ngalo ibheyili.
Isolezwe lithole ukuthi uShangase wahilizisana nenkosikazi yakhe eyayisafake umfaniswano wasemsebenzi. kuthiwa udutshulelwe phambi kwezingane zakhe.
Kusolwa ukuthi uShangase wathatha isibhamu wadubula inkosikazi yakhe maqede wabaleka. Kuthe sekugcwele amaphoyisa wabuyela emzini wakhe wazinikela kuwo.
Kwenzeka lokhu nje kuvele ukuthi umsolwa ubezama ukwehlukanisa nenkosikazi njengoba ubesevele elobola omunye wesifazane wakhona eMgungundlovu.
Umthombo we Solezwe osondelene nodaba nongathandanga ukudalulwa uthe indaba yengoduso ivele emuva kokufa kukaDoyisa.
“Kuthe uma isishonile inkosikazi kwavela ukuthi kunengoduso aseyilobolile uShangase. Inkosikazi ibingazi lutho ngayo. Kusolakala sengathi ubevele engasafuni ukuqhubeka nomshado wakhe, yingakho edubule inkosikazi,” kusho umthombo.
Udaba lwengoduso kuthiwa lukhulunyelwa phansi nasemndenini yabo bobabili njengoba bengafuni ukuba ivele emphakathini.
Kuvele nemibiko yokuthi uDoyisa noShangase bese behlala bexabana emzini wabo.
UDoyisa ulokhu asebenza esibhedlela i-Edendale kusukela ngo-1992. UDoyisa kuthiwa ubefunde wagogoda kwezokubelethisa. Kuthiwa sikhulu isililo ngaye kozakwabo esibhedlela.
Izingane zakhe kuthiwa zithathwe yizihlobo ngenxa yokuthi zisencane – endala ineminyaka ewu-11, enye ineyisikhombisa, eyokugcina ineminyaka emine.
Imizamo yokuxhumana nengoduso nemindeni ukuba iphawule ayizange iphumelele izolo.
n amaphoyisa asematasa athungatha abasolwa ecaleni lokubulawa komhlengikazi wasesibhedlela i-Grey’s khona eMgungundlovu.