FANELESIBONGE BENGU
ISILOMO somculi wase-USA uChris Brown sizojoyinwa ngabanye esisuka nabo ezweni lakubo u-EVE, Tinashe noSlum Village kuMother of All Parties ezoba seGrowthpoint Kings Park Stadium, eThekwini, ngoJulayi 2.
Abahleli balo mcimbi iMabala Noise Entertainment baphinde badalula nabaculi bakuleli abazoshiyelana inkundla nalezi zilomo. Phakathi kwabo kubalwa uDJ Bongz, Fifi Cooper, Cassper Nyovest, eMtee noDu Boiz.
UMhlo Gumede weMabala Noise uthe bona njengenkampani entsha abalandeli okwenziwa ngabanye abahleli bemicimbi kodwa bazenzela okwabo okuhlukile.
“Kufike isikhathi lapho sibone khona ukuthi ngeDurban July kuhlale njalo kwenziwa into eyodwa sase sithi asiqhamuke nento ehlukile ukuze abantu bezokwazi ukuzikhethela. Ikhonsathi yethu izojatshulelwa yiwo wonke umuntu ngoba ixubile,” kusho uMhlo.
Uthe uhlu lwabaculi alukapheleli ngoba kusakhona abanye abasaxoxisana nabo.
“Ngicabanga ukuthi kuzoshaya isonto elizayo sesiqedile nabo. Kukhona abaphesheya nabakuleli. Uma kuthiwa akudlale umculo ongu-90% akusho ukuthi silwa nabo abangaphandle kodwa siyabemukela okubalulekile ukugqamisa umculo wasekhaya. Yingakho nasohlwini lwabaculi bethu kugcwele abakuleli,” usho kanje.
Uthe kuzobe kukhona nosaziwayo abehlukene okubalwa kubo oNomzamo Mbatha, Pearl Thusi, Mbali Nkosi nabanye abazobonakala etendeni labo kuVodacom Durban July bese bebonakala naku-after party yabo kuphela.
Amathikithi alo mcimbi atholakala eComputicket ngo-R450.