MINENHLE MKHIZE
U BHODLA umlilo usihlalo weMaritzburg United, uFarook Kadodia, osola abathize ngokufisela iqembu lakhe ukuthi lidliwe yizembe.
ITeam of Choice ivike izembe ngemizuzu yokugcina ngosuku lokugcina lwemidlalo ye-Absa Premiership.
NgeSonto ebusuku kusabalale izindaba zokuthi iTeam of Choice izothengwa yiMoroka Swallows esanda kugawulwa yizembe kuNational First Division (NFD).
Izolo uKadodia utshele Isolezwe ukuthi zingamampunge izindaba zokudayiswa kweTeam of Choice.
“Angikaze ngikhulume neSwallows ngokudayisa iMaritzburg United. Lezi zindaba zokuthi sifuna ukudayisa iqembu enye indlela yokubulala iqembu. Angithi phela bahlulekile wukuthi ngigawulwe yizembe manje sebezama eminye imizamo yokubulala iqembu lami. Ngeke balunge-ke ngoba alikho iqembu engizolidayisa. Kungani abantu bengasho ukuthi iLamontville Golden Arrows ifuna ukuthengwa yiSwallows. Thina asinazo izinhlelo zokudayisa iqembu,” kusho uKadodia.
Ekupheleni kwesizini edlule uKadodia usole usihlalo we-Arrows ophinde abe yisikhulu esiphezulu kuPremier Soccer League (PSL), uMato Madlala, ngokumbela iqembu lakhe igodi.
UMadlala waziphendulela kwi Solezwe ngeSonto ngalezi zinsolo zikaKadodia, wazihlaba wazihlikiza.
“Ukudayisa iqembu akuyona into elula ikakhulukazi uma unabaxhasi. Umasipala waseMsunduzi wenza omkhulu umehluko ngemali oyifaka eqenjini ngakho asikwazi ukuvele sidedele iqembu nje kalula. Abantu bayalithanda, sibalwa namaqembu asekwa kakhulu kuPremiership. Kungabe sirobha abantu baseMgungundlovu uma singadayisa iqembu. Ngikhuluma nawe nje siphansi phezulu namalungiselelo esizini ezayo. Ngesizini ezayo sibheke iTop 8 nesicoco esisodwa,” kusho uKadodia.
UPanyaza Lesufi omunye wosomabhizinisi okuthiwa bafaka isandla ekutheni iSwallows ibuyele esigabeni esiphezulu, uyiphikile eyokuthi bafuna ukuthenga iTeam of Choice.
Ubhale ekhasini lakhe ku-twitter wathi: “Yebo besinomhlangano nabalandeli beSwallows ngokuthenga isitifiketi sokudlala kuNFD noma kuPSL kodwa indaba yokuthenga iMaritzburg United asikaze sikhulume ngayo.”
Kuthintwa uSipho Xulu weSwallows ngalezi zindaba uthe: “Angiyazi le nto okhuluma ngayo. Engikwaziyo mina wukuthi kunabantu abafuna ukuthenga iqembu kodwa kusaxoxwa. Uma izingxoxo zigcina zingaphumeleli sizoya kodlala ku-ABC Motsepe League.” Okunye okuvelayo wukuthi labo abasiza iSwallows, bakhuluma naneChippa United. Izolo ayiphumelelanga imizamo yokuthola usihlalo weChippa, uSiviwe Mpengesi, oveze ukuthi usemhlanganweni.