MINENHLE MKHIZE
U FUNA ukuyodlala ku-Orlando Pirates uThamsanqa “General” Sangweni obangwa yizinkunzi zaseSoweto, eZimnyama neKaizer Chiefs.
Inkontileka kaSangweni neChippa United iyaphela ngoJuni. USangweni ufike kuleli qembu esuka kuMamelodi Sundowns, ayishiye ngoba ebalekela ibhentshi. Amakhosi neZimmyama bamfuna phansi phezulu uSangweni.
Umthombo we Solezwe utshele leli phephandaba ukuthi inhliziyo kaSangweni iseParktown.
“IChiefs nePirates bamfuna uthuli uSangweni. Nokho uThami uzifela ngePirates. Useke wayitshela ngisho intombi yakhe ukuthi ngesizini ezayo maningi amathuba okuthi uzobe egijima kuPirates. Uzibona esefuna inselelo entsha,” kusho umthombo osondelene nalo mdlali.
Umfowabo kaThami, uSiyabonga, ugijima emuva kuBucs. Kuleli qembu usebalwa nezinsika kwazise ufake isandla lidla izicoco ezintathu ngo-2011/2012. UThami ungomunye wabadlali abagqamile kuChippa.
Ngonyaka odlule uThami ubehambe neqembu lesizwe lakuleli ngesikhathi lidlala ku-Africa Cup of Nations (Afcon) e-Equatorial Guinea. Nasemidlalweni yokuhlungela ukuzibekisela indawo kuCaf African Championship (Chan) ebiseRwanda ekuqaleni konyaka, umqeqeshi weBafana Bafana u-Ephraim “Shakes” Mashaba ubengamshiyi ngaphandle.
Usedlale imidlalo eyisithupha kwelesizwe. Uma egcina ephelela kweZimnyama uzobanga ijezi no-Issa Sarr, Thandani “Bibo” Ntshumayelo no-Edwin Gyimah, obuye adlale emuva.
Kuthintwa uFloyd Mbele, oyisikhulu esiphezulu kweZimnyama, ngendaba kaSangweni uthe: “Indaba yePirates noThami Sangweni angiyazi iqhamuka kuphi. Anginalo ulwazi mayelana nokuthi sixhumana neChippa ekutheni simthole. Njengamanje sigxile ekutheni siqede endaweni ehloniphekile ku-log. Indaba yabadlali sizoyikhuluma ekupheleni kwesizini. Noma kungathiwa kukhona esikukhuluma nabo kodwa wena ngeke wazi.”
USangweni, odlala enkabeni yenkundla nasemuva, uqale ukuzakhela igama ngesikhathi esayibamba kuMaZulu kumasizini edlule. ULukhanyo Mzinzi, oyisikhulu seChippa, uyichithile indaba yamaqembu afuna uSangweni.
“USangweni usenenkontileka neqembu. Ngempela angazi ukuthi abantu bakuthathaphi ukuthi inkontileka yakhe iyaphela. IPirates neChiefs ayikaze isithinte ngoSangweni. Okwamanje asifuni into ezoxova iqembu ngoba sifuna ukuqeda kuTop 8,” kusho uMzinzi.
IBucs izobhekana neFree State Stars emdlalweni we-Absa Premiership e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoMgqibelo ngo-8.15 ebusuku.
Eminye imidlalo yePSL:
NgoMgqibelo: Maritzburg Utd v University of Pretoria (Harry Gwala Stadium, 6pm); Orlando Pirates v Free State Stars (Orlando Stadium, 8.15pm)
NgeSonto: SuperSport United v Chippa United (Peter Mokaba Stadium, 3pm); Bloem Celtic v Golden Arrows (Dr Molemela Stadium, 3pm)
NgoLwesibili:(Ephreli 12): Black Aces v Kaizer Chiefs (Mbombela Stadium, 7.30pm)
NgoLwesithathu: Ajax Cape Town v Platinum Stars (Cape Town Stadium, 7.30pm); Jomo Cosmos v Bidvest Wits (Olen Park, 7.30pm); Polokwane City v Mamelodi Sundowns (Old Peter Mokaba Stadium, 7.30pm)