UPHROJUSA womculo weHouse kuleli, uBlack Coffee, usephinde wahlabana ngendondo yeBest Deep House. Kuthe ngoMsombuluko ebusuku kuma Ibiza DJ Awards, eSpain loDJ wahlabana ngale ndondo. UBlack Coffee nyakenye uwine indondo yeBest Breakthrough DJ kulo mcimbi, kudingeke ukuthi athumele ivideo kutwitter ebonga le award kwazise umatasa neminye imisebenzi kuleli.
“Ngiyabonga kakhulu ngale ndondo, ngeshwa angikwazanga ukuba khona ngoba ngimatasa nemicimbi nezinye izinto eNingizimu Afrika. Ngibonga bonke abantu engisebenzisane nabo, ithimba labantu elingivulele iminyango ukuthi ngaziwe emhlabeni wonke, ngiyabonga.”
Ubebhekene nabanye boDJ abahamba phambili emhlabeni njengamanje emnxeni wale ndondo okubalwa kubo uDuke Dumont, Sonny Fodera, Adam Port, Dixon, MK noCatz ‘N Dogz. Ama DJ Awards abanjelwa e-Ibiza eSpain minyaka yonke, kanti iwona wodwa obungaza oDJ bakuwo wonke amazwe. Le ndondo izothayisela kwinqwaba yezindondo uBlack Coffee asehlabane nazo nonyaka okubalwa eyeBET, South African Music Awards, Metro FM Music Awards. Usasethubeni lokuqoqa ezinye kumaMTV Africa Music Awards (MAMA) njengoba engene emnxeni weBest Male Artist nowe Artist of the Year. AmaMAMA azobe ebanjelwe eTickePro Dome eGoli ngo-Okthoba 29.