MCEBO MPUNGOSE
UMREPHA ongaconsi phansi kubalandeli bomculo kuleli u-AKA, usephumele obala waqinisekisa ukuthi ngeke abe yingxenye yeminye yemicimbi emikhulu kunayo yonke ye-hip hop kuleli, iBack To The City ezoba ngo-Ephreli 27 eNewtown, eGoli.
U-AKA wagcina ukubonakala ngo-2011 kulo mcimbi onomlando omude ngokuqoqa abathandi bomculo besuka ezifundazweni ezihlukene kwazise kusuke kugujwa uSuku lweNkululeko.
Esitatimendeni asikhiphe ngoMsombuluko ebusuku, u-AKA udalule ukuthi kube nokushayisana kwemibono phakathi kwakhe nabahleli bomcimbi okudale ukuthi agcine eselihoxisile igama lakhe.
Uthe nakuba livela ezikhangisweni ezikhona, ngeke aze acule kulo mcimbi ngenxa yokubukelwa phansi ngabahleli bawo abahlulekile ukufaka igama lakhe phambili nabaculi baphesheya. Uveze ukuthi simdumaze kakhulu isikhangiso esifake igama lakhe livela kancane, lifakwe namanye amaciko akuleli.
“Ngizithatha njengeciko elisezingeni lomhlaba. Sengike ngahambela amazwe amaningi, nginezindondo, inqwaba yabalandeli nemicimbi engicula kuyo bukhoma nomculo osezingeni ofakazela lokho. Ngibahlonipha impela o-Elzhi, Jay Live, Skyzoo noCamp Lo kodwa ngeke ngivume ukuthi iciko elinjengami lehliselwe entweni encane nje,” kusho lo mculi.
Uthe ngokwesivumelwano abe naso ezingxoxweni nabahleli, ubefuna ukuthi iBack To The City yanonyaka ikugqamise kakhulu ukuthi useshaya ibuya ngokuthi afakwe phambili njengoba ayeshiye ekhala ngokubukelwa phansi kwamaciko ahamba phambili kuleli.
Uthe lokhu ubezokwenza cishe mahhala ngoba imali abezoyihola ubezoyisebenzisa kuwo umcimbi ukuthi ashaye into ecokeme.
Lo mrepha uphethe ngokuthi lokhu akuchazi ukuthi akasezwani nabahleli bomcimbi kodwa ufuna ukugqamisa ukuthi isekude kanjani indlela ebheke ekuguqulweni kwemiqondo ngendima yomculo.
Phakathi kwabaculi bakuleli abazobe benandisa emcimbini kubalwa u-Elzhi, Riky Rick, Reason, L-Tido, Emtee, Fifi Cooper, Gigi Lamayne, Pro, Yanga, Proverb, Big Star Johnson, Nadia Nakai nabanye.
Amathikithi ayatholakala kuPostnet nesekhasini leBack to the City kuFacebook ngenani eliqala ngoR150 kuya ku-R350.